UMDLALI weBafana Bafana, u-Oswin Appollis, uhlanze iqiniso ngobekugcina ikhanda lakhe lisemgqeni ngesikhathi kunombango ngaye phakathi kweKaizer Chiefs namaqembu amabili asenhla ne-Afrika njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Igama lika-Appollis (23) libe sematheni kubathandi bebhola kulandela ingcwenga yebhola alidlale esiza iBafana ilala isithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni kuka-2024.
Lokhu kuholele ekutheni kuqubuke umbango ngaye obuthinta iChiefs kanti iwindi seliyela ngasekuvaleni, kuvele neMamelodi Sundowns ebizama ngemizuzu yokugcina ukubangisa amaqembu amabili athathwa njenamakhulu ebholeni lasenhla ne-Afrika.
Ngesikhathi u-Appollis ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weBafana ka-Group K wokuhlungela i-Afcon ezokuba ngoDisemba wonyaka ozayo eMorrocco, uphawule okokuqala ngokuba yinyama emaqenjini.
IBafana esivele izibekisele indawo kwi-Afcon izobhekana neSouth Sudan namuhla ngo-6 ntambama, eCape Town Stadium.
Ngesizini edlule u-Appollis oyibamba kwiPolokwane City, ubengomunye wabadlali abamqoka baleli qembu laseLimpopo, abalisize laqeda kwi-Top 8.
Nakuba umbango ubushisa phansi futhi kukhulunywa ngawo kwabezindaba cishe nsukuzonke kodwa u-Appollis ugcine ehlalile kwiRise and Shine.
“IPolokwane iyohlale iyingxenye yempilo yami ngalokhu eyangenzela khona ingibuyisa esigabeni esikhulu kwaze kwavuleka nophawini weqembu lesizwe,” kusho u-Appollis kwabezindaba eKapa.
“Ngihlele ukuqhubeka nokuba usizo kuleli qembu nakule sizini ngoba lokhu yiwona ukhiye wokugcina indawo yami iphephile enhliziyweni ka(Hugo) Broos.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi bekulula ngesikhathi kuqhubeka umbango ngegama lami kodwa ukwazi ukuthi kungenxa yePolokwane ukuthi uBroos aze angibone, kwenze kwangaba nzima ukuziba umsindo ngekusasa lami.
“Ngaphandle kwePolokwane ngabe angikho la ngikhona futhi kungenxa yayo ngikwazile nokuziba umsindo obungangiphazamisa kwazise bekukhulunywa ngempilo yami,” kusho u-Appollis.
Lo mdlali uthe ujabule ngokweqile ukuthi uzobe edlalela iBafana okokuqala umndeni wakhe umbuka bukhoma kwazise leli qembu lesizwe lineminyaka engaphezulu kwengu-10 lagcina ukudlalela eKapa.
U-Appollis ubonga akaphezi nje kwiPolokwane ingoba yamnikeza ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu ikhuphukela kwiPremiership ngesizini edlule. Lo mdlali kwacishe kwasheshe kwaphela ngaye ebholeni ngemuva kokuchithwa yiSuperSPort United. Ngesizini ka-2022/2023 walandwa esehleli ekhaya uKwanele Kopo owayeqeqesha iPretoria Callies ngaleso sikhathi kwiMotsepe Foundation Championship.