IPHINI lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, liphinde labhula umlilo kubalandeli abebehhewula umgadli waleli qembu, uRanga Chivaviro.
UKaze uthe akuyena lo mgadli kuphela owehlelwe ukuzethemba kuMakhosi.
Nakuba iChiefs kuyiyona egoduke nesheke lika-R1.5 million kanjalo nendebe yeHome of Legends Cup ngempelasonto edlule eGqeberha kodwa kuqale kwaba muncu abalandeli behhewula uChivaviro.
IChiefs inqobe lesi sicoco ngokuwina kwiMamelodi Sundowns ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi umdlalo kade usongwe zibambene ngo 0-0 eNelson Mandela Bay Stadium.
Maningi amathuba ayekwe yiChiefs kulo mdlalo okwenze abalandeli baqala bahhewula lo mgadli kwazise ubehlulwe amanye amaningi kowandulela owamanqamu iChiefs ewunqobe ngo 2-0 kwiLamontville Golden Arrows.
Akuqali kule sizini ukuthi uChivaviro ahilizisane nabalandeli kwazise maphakathi nenyanga edlule bamhhewule kwaze kwakhuza uNasreddine Nabi ongumqeqeshi weqembu.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iChiefs inqoba ngo 4-0 kwiSuperSport United kulandela ukuhlulwa kukaChivaviro yinqwaba yamathuba amagoli alula ngaphambi kokushaya elilodwa koweCarling Knockout.
Okwenza lesi sigameko sasePeter Mokaba Stadium saqapheleka ukuthi uChivaviro wathi angashaya igoli wase ejabula sakutshela abalandeli ukuthi bakhuluma kakhulu.
“Angiyena umqeqeshi othanda ukugxila kumdlali oyedwa uma ngikhuluma kwabezindaba kodwa kusemqoka ukuvikela uChivaviro kubalandeli,” kusho uKaze kwabezindaba.
“Akuyona into efihliwe ukuthi kunabadlali abamqoka kwiChiefs abehlelwe ukuzethemba ngenxa yemiphumela yangesizini edlule kodwa akuyena uChivaviro yedwa.
“Maningi amathuba iChiefs ewathole kuyona yomibili imidlalo kulo mqhudelwano futhi baningi abadlali abahlukene abenze amaphutha.
“Kuliqiniso ukuthi njengethimba labaqeqeshi simelwe ukukhuphula ukuzethemba kubona bonke abadlali beChiefs okuhlanganisa naye uChivaviro.
“IChiefs yenze kahle kulo mqhudelwano ngakho-ke asijabulele umfutho esizowuthola ngenxa yalesi sicoco, singahhewulani sodwa,” kusho uKaze sakufongqa isigqoko.
Kwenzeka lokhu nje iChiefs ihlawuliswe yisigungu sePremier Soccer League (PSL) esiqondisa ubugwegwe kulandela ukungaziphathi kahle kwabalandeli bayo ibhudluzwa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 koweCarling Knockout. Ibe isiyalelwa ukuba ikhokhe u-R150 000 sekuvuke nesigwebo sangoSepthemba eyayilengiselwe sona ngesenzo esifanayo.