UMCULI wasePort Shepstone, uLungile “Naima Kay” Khumalo, uthi ingcindezi yiyo eyenza athathe isikhathi eside ukukhipha umculo omusha.
UNaima ugcine ukukhipha ngo-2021, ngengoma ethi Umlilo ayepike kuyo uKelly Khumalo. I-albhamu ephelele wayigcina ngo-2016, nge-All About Love.
“Bekungafiki ukuthi ngikhiphe i-albhamu. Cishe nginezingoma ezila ko-25 engizenzile ezihleli. Bekuthi uma ngikhipha ingoma abantu bayithokozele bese ngishawa wuvalo ngibuyele estudiyo ngiyolungisa izingoma enginazo ngoba ngizizwa ngathi ziyashoda,” kusho uNaima.
Uthe uma engakhiphi usuke ebhala futhi eqopha ngoba umculo yisona sinkwa sakhe.
“Ngisebenza ngomculo futhi yiwo engondla ngawo ekhaya. Yingakho ngingawujahille nomshado kodwa ingane ngingayithokozela. Impilo iyabiza ayifuni uxhamazele. Yonke imali engiyitholayo ngivele ngiyithi fu kwisalukazi sakwaSithole, ugogo wami. Yimina ngedwa osathola amasenti ekhaya ngisebenzela bona, ngiyogcina ngami. Kumele ngisebenze ngampela.”
Lo mculi ulungiselela ukukhipha izingoma ezimbili kanye kanye, ethi iNtombazane nethi Uyisithandwa Sami. Uthe kukhona ekhuluma ngothando nenye ekhuluma ngokuhlukumezeka.
Uthe usebenze noMojalefa Thebe ongumdidiyeli ayesebenza naye ngesikhathi esangena emculweni. Ezinye izingoma anazo uzenze noMondli Ngcobo.
“Ngoba kade ngagcina ukukhipha ngithe angibambe abantu ngezingoma ezimbili kanye kanye. Kukhona uNaima wakudala kuzo ngoba bayamthanda, hhayi kodwa ukuthi abamthandi omusha.
“Angifuni noma ngishintsha bese ngishiya ngemuva abathanda uNaima wakudala. Izingoma zizophuma ngoMeyi 25, okuwusuku lwami lokuzalwa,” kusho uNaima ozobe ehlanganisa iminyaka engu-32.
Uthe i-albhamu nayo isiphelile futhi uzoyikhipha ngo-Agasti.