USOMAHLAYA osebuya kwiMbewu The Seed nakuZalo, uKhaya Ngema, uphume umkhankaso wokuvumbulula amagagu emikhakheni yobuciko enganakiwe.
UKhaya we lKhayalamangema Artists' Productions usungule umqhudelwano wezindondo, Amagagu Performing Arts Awards, ahlose ngawo ukuthungatha wonke amaciko ezikoleni, emasontweni nasemphakathini.
Lo mlingisi uthe bazobe bebheka kakhulu amaciko abambe iqhaza emidlalweni yeshashalazi, izimbongi, osomahlaya, abaphathi bezinhlelo nabasemculweni ohlatshelelwa ngaphandle kwezinsimbi, okubalwa kuyo isicathamiya, amahabo, amaZayoni, isigqi nesigekle.
"Sithathe le mikhakha ebucikweni ngoba iyo enganikwa ithuba, uma kuhlonishwa abantu noma kunamafestiveli neminye imicimbi kanti ibambe elikhulu iqhaza ekutheni intsha ithuthukise amakhono. Sibe sesiqhakambisa nezindawo lapho ikhono lihlonzwa khona njengasezikoleni, emasontweni nasemphakathini," kusho uKhaya owangena kwiTop 5 yomqhudelwano wosomahlaya owawusakazwa kuSABC 1 iSo You Think You’re Funny.
Uthe kuzoqala ukuqokwa kwabazodlana imilala kusukela ngomhla ka-28 Novemba kulo nyaka kuze kushaye uJanuwari 8 ngo2025.
"Uma kuqedwa ukuqokwa kwamaciko kuzolandela izinkundla zokwabelana ngolwazi lapho amaciko asephumelele ayobe ecobelela lawo asakhula. Kuthi nezikhungo zamaciko neminyango kahulumeni zinikwe inkundla yokuthi zichaze ukuthi zifakwa kanjani izicelo zoxhaso nemisebenzi yamaciko, ifakwa kanjani ezikhungweni nokuthi mangakanani amathuba akhona emkhakheni ukuze amaciko akwazi ukuziphilisa esebenzisa ikhono lawo."
Uthe uma amaciko afisa ukuba ingxenye yalo mqhudelwano wezindondo, engashaya ucingo acele ama-forms bese ethumela ne-video engeqile emizuzwini elishumi.
Ngemininingwane egcwele kufonelwa ku-083 4757 032 noma bathumele i-email ku:[email protected] .