UZOVULA isifuba okokuqala kubalandeli bakhe ngokuhle nokubi ebudlelwaneni bezothando nomrepha ongasekho u-AKA, uNadia Nakai, osekuvele izindaba zokuthi uzoba nohlelo olukhombisa ngempilo yakhe.
Uhlelo i-Nadia: Beyond Bragga oluzoba neziqephu ezilishumi kuphela luzokhonjiswa kuMTV (Channel 130), kusuka ngo-Okthoba 12, ngo 6 ntambama.
UNadia ekhuluma ngalo, uthe konke okuzobonakala izinto abengathandi ukuthi zivele emphakathini kodwa kumfikele ukuthi akuvezele abalandeli bakhe.
“Yingakho kuyiziqephu ezincane kangaka ngoba konke okuzogqama impilo yami, ebengiyigcina kude namehlo omphakathi. Ngizoveza izikhathi ezimnandi nezibuhlungu engidlule kuzo empilweni. Ngizoveza okwakwenzeka ebudlelwaneni bami noKiernan njengoba ukudlula kwakhe emhlabeni kwenzeka sisajabulela ukuba sothandweni, singakabi side isikhathi sithandana. Kodwa okunye abantu ngizoqhubeka ngibavezela eminye imisebenzi engiyenzayo ngaphandle nje kokuba umculi,” kusho uNadia.
Uthe okumjabulisayo ngokwenza izinhlelo ezifana nalezi akukhona nje ukuthi uyalingisa kodwa kuqoshwa into oyiyona abantu abangakaze bayibone ngaphambilini.
“Abantu njengamaciko bajwayele ukusibona sibahle kube sengathi akukho okusixakile. Manje bazobona ukuthi uma ngisendlini ngiwumuntu onjani. Uma nginomndeni nabangani sikhuluma ngani. Okunye bazobona ukuthi angilona iciko nje kuphela kodwa ngingowesifazane ozama konke ukubhekana nezinkinga zempilo, ezothando nebhizinisi,” kuchaza yena.
Uthe usekulinde ngabomvu ukuthi ababukeli bajabulele lolu hlelo njengoba engangabazi ukuthi bazokuthanda ababukeli abazokubona kulo.