ISILOMO somsakazi weVuma FM, uMzokhona “Mzokoloko” Gumede sibuyela emculweni ngonyawo olusha ngemuva kokuthola uxhaso lokwenza ingoma.
UMzokoloko wethula uhlelo lwasekuseni ngo-6 kuya ku-9 phakathi nesonto.
Ungomunye wamaciko athole uR25 000 enhlanganweni ewaqoqela imali ngokudlalwa emsakazweni nakwezinye izinhlaka, iSouthern African Music Rights Organisation (Samro).
Leli ciko elizakhele udumo emculweni ngengoma ethi Ngena Enganeni elipike kuyo uMamillion, kanti lagcina ukukhipha ngo-2021 ngengoma ethi Ngiyakuthembisa nethi Nangu Malumee.
Uthe ufake isicelo soxhaso kwiSamro ngemuva kokubona ukuthi indlela abantu abathakasela ngawo umculo isishintshile.
“Ngokwesicelo sami soxhaso ngiveze ukuthi ingoma engizoyenza ngizoyiphusha ngisebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana. Uma igcina iduma ingena nasemisakazweni, kuzoba kuhle kodwa ngizogxila ezinkundleni zokuxhumana. Ngifuna ukukhombisa nabanye ukuthi angeke kuphela sithembele ezinkundleni zakudala njengemisakazo nethelevishini ukuphusha umculo. Ingoma izokwenziwa nalowo mqondo wokuthi kube ngeyasezinkundleni zokuxhumana ibe nedumela khona. Nokwethulwa kwayo kuzokwenziwa khona,” kusho uMzokoloko oke wasakaza kwiGagasi nakuKhozi FM.
Uqhube wathi ingoma izoba nemidanso yakhona yize engeke adalule okuningi.
“Lona wumbono ebese ngihlale nawo iminyaka emibili. Izinto ngizozenza ngendlela ehlukile. Abaculi kumele bawabheke amathuba anjengalawa ngoba zonke izinhlaka zomculo ziyayikhipha imali yokuxhasa. Mina sengibe yilungu leSamro kusuka ngaqala emculweni. Abanye ababhalisi bese bephuthwa ngamathuba. Maningi amathuba nami ngifake njengawo wonke umuntu abangazi nokuthi ngiwubani.”
Uthe ingoma izophuma maduze futhi uma iba nesasasa uzohlelela i-albhamu yize ekholelwa ekukhipheni izingoma ezihamba ngazinye.