UVELE eNkantolo yeMantshi yaseKagiso, eGauteng, izolo, umculi kamaskandi ovuke esibhedlela emva kokuhlaselwa wumphakathi wakule ndawo esolwa ngokuzama ukuthumba ingane yesiqashi sakhe ayefuna kusona irenti.
Okhulumela amaPhoyisa aseGauteng, uLT Colonel Mavela Masondo, uqinisekise izindaba zokuthi umsolwa uphumile esibhedlela, wagcina evele eNkantolo yeMantshi eKagiso.
UBobo “Mfana Wepiki” Mhlongo ungene esibhedlela emasontweni ambalwa edlule emva kokuhlaselwa wumphakathi wamgxoba ngamatshe esolwa ngokuzama ukubaleka nengane yesiqashi sakhe efuna imali yerenti.
Ngokwesitatimende samaphoyisa esiphume ngo-Okthoba 14, emva kokulimala kwalo mculi, kuvele ukuthi ugadwe amaphoyisa esibhedlela. Uvulelwe icala emva kokuhlaselwa wumphakathi waseKagiso, owamgxoba ngamatshe esolwa ngokuzama ukuthumba ingane yesiqashi.
Kuthiwa wayefike kule ndawo ezofuna imali yerenti wangasithola isiqashi, wathatha ingane yaso eneminyaka emibili, ngoba efuna uyise azoyilanda la ehlala khona esephethe imali yerenti.
Unina wengane kuthiwa uhlabe umkhosi ememeza abantu abaphume bezomvimba kanti uzodonsa isibhamu adubule abhekise kubona ngokusho kwamaphoyisa. Kulapho ke okuthiwa umphakathi umhlasele waze wamphuca nesibhamu walanyulelwa amaphoyisa.
Emva kokungeniswa esibhedlela, uLt Col Masondo uthe ugadwe amaphoyisa uzothi uma esephapheme athweswe icala lokuzama ukuthumba nelokuzama ukubulala.
Izindaba zokudedelwa kwakhe esibhedlela ziphinde zaqinisekiswa nawuSizwe Maphanga owaziwa ngoMancamisa, osondelene kakhulu nalo mculi.
Uthe lo mculi udedelwe ngoLwesihlanu olwedlule, esibhedlela kodwa usesendlini yakhe eGoli, akakezi kubo eNquthu.
“Konke sekuhamba kahle kuyena. Into esele izingozi ezisekhanda kuphela njengoba alimala kakhulu khona. Nazo uzibona uma ekhumula isigqoko. Nokukhuluma kwakhe akuphazamisekile kangako, ungakwazi ukuzwa uma wazi ukuthi usanda kulimala uma umjwayele,” kusho uMancamisa.
Uthe manje usengakwazi ngisho ukuyonandisa uma kungavela umsebenzi eqashwa.
Imizamo yokuthola yena uBobo, ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belulokhu luvaliwe uma eshayelwa.