UKUPHUKA kwesithenjwa seKaizer Chiefs, u-Edson Castillo, akufanele kuvule uphawini wokucasha ngesithupha uma Amakhosi eshaya udaka nakule sizini ngoba baningi abadlali abangasivala isikhala njengoNjabulo Blom.
IChiefs ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko iqinisekisa ukuthi lo mdlali wayo waseVenezuela oneminyaka engu-30 ngeke abonakale enkundleni kuze kube unyaka ozayo.
Namuhla iChiefs izodlala oweBetway Premiership ishoda ngoCastillo no-Inacio Miguel, osesigwebeni samakhadi, lapho ibhekene khona neMagesi FC ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium.
Kusukela kuqale isizini uCastilo usetshenziswa esuka ebhentshini kweyeligi kodwa uwuqalile odlule neSuperSport United lapho iChiefs ishaywe khona ngo 1-0 okulandelwe ukulimala kwakhe.
Okungazibeki ukuthi akukhathaleki noma uCastillo uwuqalile kumbe uwufice phakathi umdlalo kodwa uma esenkundleni iChiefs ikhombisa izimpawu zokunethezeka uma idlala.
“UCastillo uphuke fahla emlenzeni okuzomhlalisa izinyanga ezine kuya kwezinhlanu engalithinti ibhola kulandela ukudlaliswa kabi umdlali weSuperSport ngempelasonto edlule,” ibibhalwe kanje enye ingxenye yesitatimende saMakhosi.
UDominic Isaacs owayedlalela iChiefs kodwa osephenduke umqeqeshi emazingeni aphansi, uthe kungaba ichilo uma iqembu lakhe lakudala lingacasha ngokulimala kukaCastillo.
“Nakuba kungemnandi ukulinyalelwa kodwa akufanele iChiefs ikhale kangako ngoba inabo futhi baningi abadlali abangavala isikhala sikaCastillo,” kusho u-Isaacs.
“Kungaba iphutha uma kungabakhona oweChiefs ofuna ukucasha ngokuthi iqembu lidlale cishe isizini yonke ngaphandle kukaCastillo uma kungaphela le sizini lingabalwa kwi-Top 8.
“Akekho umdlali ozoba mqoka kunabanye kwiChiefs kule sizini ngoba okuseqhulwini ukulungisa udaka elushaye kwiligi ngesizini edlule iqeda endaweni yesishiyagalolunye.
“UBlom angayidlala ngokukhululeka le ndawo kaCastillo kanti nokaputeni, uYusuf (Maart), ukhona uma edingeka yize abalandeli bengamuzwa.
“Nakhona angazi ukuthi yini le abangayithandi abayibona kuMaart. Mina engikhala ngakho kuMaart ukuyeka kwakhe ukushayela ipali okuyinto abaziwa ngayo ngisho ebuncaneni bakhe,” kusho u-Isaacs.