BAVELA namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseMtshezi abasolwa abahlanu abebefunwa uthuli ngamaphoyisa ngamacala okuqothwa kwabahlanu besemcimbini, okwenzeke eMtshezi ngeSonto ntambama.
Emva kokuthi amaphoyisa ephume inqina ebathungatha, akuphelanga sikhathi esingakanani kwathi ngoMsombuluko ntambama ababhadama bebhace emzini mumbe eMnambithi, kwabashela. Bebefunwa ngamacala okubulawa kukaMnuz Dumisani Mazibuko, indodana yomfowabo, uMnuz Khuzani Mazibuko, nomshana wakhe, uMnuz Dela Zondi, abaqothwe ngesikhathi behambele umcimbi wesintu emzini wakwaMazibuko owumakhelwane, abangahlobene nawo.
Kulesi sigameko kuthiwa kushone noMnuz Buhle Ndaba nendodana yakhe, uMnuz Mqedeni Ndaba, nabo okuthiwa badutshulwe ngabasolwa bekuwo lomcimbi.
UMnuz Mgigiyeli Mazibuko, womndeni obunomcimbi, uthe kusenzima ukukhohlwa okwenzekile, ikakhulu ezinganeni ezazikhona zibuka kubulawa abantu.
“Bese kuntambama nje sekubuswa ngesikhathi kuma imoto eyiveni kwehla abasolwa badubula bebhekise ngalapho bekuhleli khona abagilwa. Kubukeka sengathi abasolwa bebazi ukuthi wobani ababafunayo ngoba bavele baqonda ngqo. Asikwazi okubangwayo kodwa sisola ukuthi bebeqonde abomndeni wakwaMazibuko ngoba yibona abaningi abadutshuliwe, okusasishiya sididekile,” usho kanje.
Okhulumela umndeni wabagilwa bakwaMazibuko, uNkk Lilly Mazibuko, uthe okwamanje basadunguza ontwini ngalolu daba.
“Sisadidekile ukuthi kungani behlaselwe nokuthi bekuqondwe bona yini noma bashayeke ngengxaphephe. Azikho izingxabano noma ukungezwani nemindeni ethile okuke kwabakhona ngakho sisadidekile,” usho kanje.
Sebeyisithupha abasolwa asebeboshiwe njengoba oyedwa esesibhedlela ngaphansi kweso lamaphoyisa emva kokudubuleka kulesi sehlo nokusolwa ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ngozakwabo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uhambele imindeni eshonelwe nowalapho kwehle khona lo mshophi.
Uthembise ukuthi bewuhulumeni wesifundazwe bazobuyela kuleya ndawo njengoba kuvele ukuthi ikhungethwe ubusela bemfuyo nokuxhaphaka kwezibhamu ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Robert Netshiunda, uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezine okukhona kuzo ezimbili ezinkulu, nezincane ezimbili kanti esisodwa sazo kuthiwa sithathwe kumgilwa ngesikhathi edutshulwa esehlakalweni sangeSonto.
“Abasolwa ababoshiwe kukholakala ukuthi bayathinteka nasekwebiweni kwemfuyo eMangwe nasezindaweni ezisondelene nayo,” kusho uNetshiunda.