UVUKWE usizi nomunyu unina wowesifazane owagwazwa amanxeba angu-25 wafa, ngesikhathi imantshi ingafiki enkantolo ukuzogweba umbulali.
UNksz Lindiwe Mbhele odabuka eDondotha, eMpangeni, uhambele ubala eya eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Imantshi ayifikanga enkantolo, kwaphoqeleka ukuthi kuhlehliselwe kusasa ukugwetshwa kowake wathandana nomufi futhi owavuma icala, uMlamuli Michael Qaba (43).
UQaba wabulala uNksz Zama Girlie Mthembu ngoSuku lokuBuyisana uDisemba 16 ngonyaka odlule, emijondolo yaseKenville, eThekwini,
Uboshwe ngoJanuwari esebalekele e-Eastern Cape, lapho aficwa khona egeza ngokwesintu enyangeni futhi wakhipha nommese abulala ngawo umufi.
“Kubuhlungu ngoba senginesifo somfutho wegazi (i-BP) esaqala mhlazane ngibulawelwa ingane yami. Ngihambele ubala enkantolo, ngemali engiyipatanisile yokugibela. Ngishiye amaphilisi ami emuva, manje ngizolala ezihlotsheni eThekwini, ngoba anginayo imali yokubuyela ekhaya,” kusho uNkk Mbhele ngosizi.
Ubalise ngokuthi uqhatha usizi nezingane zikamufi ezimbili zabafana eneminyaka engu-20 ebhala izivivinyo zaka-matric zokuphela konyaka nenye eneminyaka engu-12 efunda uGrade 6.
Uthe umufi wayehlala eThekwini ukuze asondelane nomsebenzi futhi wayeyinsika yekhaya ebondla.
“Impilo inzima, siyapatanisa ekhaya. Ngelinye ilanga siyalala singadlile. Umufi uyena obemele ikhaya. Ngoba ngigula nje, ngabe ubesengiyisile kodokotela. Uthunjana kamufi ungiphathise incwadi ayibhalele umshushisi esithembayo izofundwa enkantolo,” kuchaza uNkk Mbhele.
Phambilini, uQaba ongiyise wezingane ezinhlanu, wavuma icala ngesitatimende esifungelwe esafundwa enkantolo, wathi yena nomufi babekade behlala eKenville ngokwehlukana. Ngosuku lwesigameko wayekwi-braai nabangani bakhe.
Le ndoda yathi yezwa izwi likamufi kweminye yemijondolo eyayidlula ngakuwona ngesikhathi isendleleni ibheke endlini yayo, yase ingena phakathi.
“Ngafica umufi exoxa nabesilisa ababili, ngamcela ukuba siyokhulumela phandle. Safike saxabana, enye yalawa madoda yeza kuthina, yangikhomba ngomunwe ingikhuza ukuthi ngingakhulumi kabi nomufi. Yabe isingiphusha ngawa phansi,” kuchaza uQaba esitatimendeni.
UMbuso wathi uQaba wayexakazisa umufi ngencwadi yisivimbelo senkantolo ayemenzele yona.
UQaba wathi wathukuthela waveva kangangoba waze waya endlini yakhe wayohloma ngommese.
“Ngangifuna ukubuyela ngiyobhekana naleya ndoda eyayikade ingiphushele phansi. Ngesikhathi ngisasendlini yami, ngabona umufi edlula, ngase ngiyamlandela saze sayongena lapho ayehlala khona. Wawubona ummese owawusokhalweni ushuthekwe ebhulukweni. Wazama ukuwuthatha, sabangisana ngawo ngamehlula ngamandla,” echaza.
Uthe esewele phansi waqala wamgwaza esifubeni nasemzimbeni wasedla phansi.