Isilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siphume singenamyocu engozini yemoto eyenzeke kuR34 ngaseVryheid ngoLwesiili ebusuku.
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ubike ukuthi izimoto zeSilo zibandakanyeke engozini yomgwaqo.
“Ngikhulume neSilo izolo (ngoLwesibili) ebusuku futhi Isilo besikaahle emoyeni sangitshela ukuthi ingozi bekuyinto encane. Egameni lendlunkulu, ngifuna ukuqinisekisa isizwe ukuthi akumele sikhathazeke ngesimo seSilo,” kusho uButhelezi.
Uthe Isilo sizoqhubeka nohlelo lwaso lwansukuzonke futhi sizoba yingxenye yokuvulwa kwenxanxathela yezitolo iPrincess Mkabayi Mall eVryheid ngoLwesithathu ekuseni.
“Amaphoyisa eSouth African Police Service azokwenza uphenyo njengenjwayelo ukuthola ngembangela yengozi yayizolo,” kusho uButhelezi.