UMGQUGQUZELI wemiklomelo yezindondo ezigxile ekuklomeliseni abesifazane abenza kahle, amaSebenza Women Awards, uthe ababhekanga uhlangothi lokwelapha ngokuba nomunxa wabelaphi bendabuko.
Kulo nyaka kuyaqala ukuthi kube nomunxa wabesifazane wabelaphi bendabuko, iWomen in Traditional Healing. Kuwona kudlana imilala uMakhosi Mzobe, Anele Bianca Khoza, Kwenzekile Mngoma Glam Dlozi noSmangele Mhlongo (MakaChicken).
Umgqugquzeli wezindondo, uKini Shandu, uthe ukuqokwa kakhulu ngabantu kwalaba belaphi yikhona okwenze bathatha isinqumo sokuthi kube nomunxa oqondene nabo.
“Abantu bebebaqoka ngasohlangothini lwebhizinisi njengabanye bosomabhizinisi abenza kahle. Siqaphelile ukuthi bangabelaphi bendabuko futhi nebhizinisi labo ligxile khona ekwelapheni, sabe sesithatha isinqumo sokuthi sisungule umunxa oqondene nabo. Ngalokho asichazi ukuthi kukhona olapha kakhulu kunomunye kodwa kungenxa yendlela abaqhuba ngayo ibhizinisi ekwelapheni nokukhethwa kakhulu ngabantu. Laba abaqokiwe ababe nabantu abaningi ababaqokile kanti nebhizinisi labo baliqhuba ngendlela esezingeni,” kusho uKini.
Ezinye izinto azibalile ukuthi ukwelapha sekukwelinye izinga, njengoba abelaphi bendabuko sebekwazi ukuhlolela abantu besebenzisa iselula, baposele amakhasimende abo imishanguzo kanti nemikhiqizo yabo seyenziwe yaba sezingeni eliphezulu njengoba kukhona abanezinsipho ezakhiwe ngamakhambi abazidayisayo.
Ukuvotela abaqokiwe kuvalwa ngoSepthemba 15. Ukuvotela umuntu omthandayo ubhala igama lomvotelayo nomunxa akuwona bese uthumela umqhafazo ku- 34604. Umqhafazo ubiza u-R2.00.