INKANTOLO eNkulu yaseThekwini, igunyaze ukuboshwa kukathisha wesifazane obhekene necala lokusoconga umyeni wakhe ngemuva kokuba engazange alubhade enkantolo izinsuku ezimbili zilandelana.
Nayizolo akazange alubhade enkatolo uNkk Gugu Mchunu (50), obhekene necala lokuba ngungqondongqo etulweni lokusocongwa komyeni wakhe owayesebenza eyisicishamlilo edepho esePinetown, ngaphansi koMkhandlu weTheku.
UNkk Mchunu ungummangalelwa wesibili kuleli cala kanti owokuqala nguMnuz Lindani Phungula (30) ongu-Ben 10 okuthiwa wayethandana naye.
Umufi wahlaselwa wadutshulwa esemzini wakhe oseMariannhill, ngo-Ephreli 10, 2022.
U-Advocate Thabani Buthelezi omele uhlangothi loMbuso, izolo utshele inkantolo ukuthi sebenze konke okusemandleni ukufuna uNkk Buthelezi kodwa yonke imizamo yabo ayiphumelelanga.
"Kuthunyelwe umphenyi ukuba aye ekhelini leli elibhalisiwe lapha enkantolo njengahlala kulona kodwa wangamfica. Kunalokho, uthole ukuthi sekuphele izinyanga ezintathu engasahlali khona,'' usho kanje.
Eqhuba uButhelezi uthe lokhu kuphambene nomthetho ukuthi ummangalelwa ongaphandle ngebheyili angamane ashintshe indawo yokuhlala ngaphandle kokwazisa inkantolo.
"Bekufanele ayazise inkantolo uma kwenzeka eshintsha indawo yokuhlala,'' usho kanje.
Utshele inkantolo ukuthi ucingo lukaNkk Mchunu luvaliwe, sebelushayele amahlandla amaningi kakhulu.
Uzwakalise ukukhungatheka njengoba ethe ngisho nendodakazi yakhe imlandulile.
"Sizame nokuthi sixhumane nendodakazi yakhe esebenzela eGoli, nayo yathi ayimazi. Isitshele ukuthi isinesikhathi yagcina ukuxhumana naye futhi nasocingweni ayimtholi,'' usho kanjena.
Ummeli kaNkk Mchunu, uqinisekisile ukuthi akatholakali ocingweni.
Ngemuva kokulalela konke lokhu obekushiwo nguButhelezi, inkantolo ibe seyinqamula ibheyili kaNkk Mchunu, yagunyaza nokuthi akathungathwe, aboshwe.
Emasontweni amabili edlule, indodana kamufi, uMnuz Khanyisani Mchunu, yatshela inkantolo ukuthi uyise wayenesamba esithile semali ayesigcinile ebhange i-Capitec owayebhale ukuthi kuyohlomula ummangalelwa kusona uma kwenzeka yena eshona.
Yaveza nokuthi uyise wayenemizi emithathu ezindaweni ezehlukene.
Phambilini owomndeni owaba nenkulumo neSolezwe, waveza ukuthi ummangalelwa wasoconga umyeni ngoba efuna ukuhlomula ngefa.
Lihlehliselwe uJanuwari 23, 2025, icala ukuze elikammangalelwa wokuqala nowesibili ezohlukaniswa. Abengabonwa enkantolo amalungu omndeni kamufi ajwayele ukuthamela icala.