SICHITHIWE isicelo sokuba kuhoxiswe amacala awu-18 okubulala ebesifakwe yisiboshwa esisolwa ngokuba ungqondongqondo ekubulaweni kwabafi eNgobozana, eLusikisiki, ngoSepthemba nonyaka.
Ummangalelwa wesikhombisa, uMzukisi Ndamase, osehlale ejele kusuka ngo-2007 ngokubulala iphoyisa, uvele nabanye abayisithupha eNkantolo yeMantshi yaseLusikisiki, ngoLwesibili.
Usukume wama ngezinyawo ebhokisini labamangalelwa, wazikhulumela ngomlomo wakhe, ecela ukuthi uMbuso uwahoxise wonke amacala athweswe wona.
“Sengihlale ejele kusukela ngo-2007, kuze kube manje akaze ngiphume ngiye ngaphandle. Bengilokhu ngisejele okuyindawo kahulumeni. UMbuso uyazi ukuthi ngangikuphi ngosuku kwenzeka isigameko, angizange ngiye kwenye indawo,” kusho uNdamase.
Sichithiwe isicelo sikaNdamase uMbuso. Umshishisi utshele imantshi ukuthi lesi siboshwa sichaza indaba endala futhi eyaziwayo.
Utshele inkantolo ukuthi uMbuso uhlabela phambili nokushushisa uNdamase kuwona wonke amacala athweswe wona.
Amaphoyisa ase-Eastern Cape athi asekhiphe umehlokaboni ka-R50 000 afuna umsolwa wesishiyagalolunye uMnuz Songezo ‘Mashiya’ Vuma anenkolelo yokuthi sekushoda yena kuphela.
Beziqiniswe amaphoyisa nojele ezokuphepha enkantolo. UNdamase ufike enkantolo efaswe izandla ngozankosi, zaboshelwa okhalweni ngamaketango abeze ayobopha nezinyawo.
Usevalelwe ejele elingelinye lagadwe kakhulu eBhongweni, eKokstad. Usolwa ngokukhanda itulo esejele lokubulawa kwabantu abangu-18 ababelungisela umcimbi wokumbulwa kwetshe.