UMYENI wowesifazane waseGlenwood, eMgungundlovu, odutshulwe wabulawa nendodana eneminyaka ewu-12, uthi umbulali ubemfuna uthuli naye ngemva kokubulala umndeni wakhe.
UNkk Zandile Ngcobo (36), obenezinyanga ezintathu ezithwele nendodana yakhe yangaphandle komshado, uKwandokuhle Msimango (12) badutshulwe babulawa ngeSonto.
Umyeni kamufi, uMnuz Sphilelo Ngcobo uthe isigameko sokubulawa komkakhe senzeke esanda kuphuma ekhaya.
“Senzeke emva kwemizuzu engu-30 ngiphumile ekhaya ngiya esitolo sami esisePanorama. Bengiphume ngabo-07:10. Ngithole ukuthi umsolwa ufikile esitolo ezongifuna kwasho ukuthi ufike ngingakafiki,” kuchaza uNgcobo.
Uthe umsolwa ongaziwa ungene wadubula umkakhe ekhishini, wadlulela ekamelweni likaKwando, wamdubula naye. Uqhube wathi osindile indodana yabo yasemshadweni eneminyaka eyisithupha, okuyiyo etshele abantu ngomshophi.
“Iqale yafonela mina nge-video call ngeselula kanina, alwangangena. Idlulele phambili, yafonela omunye umngani kanina ohlala eMgungundlovu, yamthola, yamtshela osekwenzekile. Ize yamkhombisa isidumbu sikanina silele exhaphozini legazi ekhishini, yaya ekamelweni likamfowabo, yamkhombisa naye,” kusho uNgcobo.
Uqhube wathi uthole ucingo luvela kulo mngani, eqhaqhazela, emtshela ngaqeda kukubona kwi-video call.
Uthe indodana iphinde yaphuma ngewindi, yaya kwamakhelwane, yayobikela abakhona, okuyibo abasheshe bafika endaweni yesigameko.
“Ngibuka indlela abaqondanise ngayo, efika ngesikhathi mina ngingasekho. Kungenzeka nokuthi ubengekho kude ngesikhathi ngiphuma ngihamba,” kusho uNgcobo.
Uthe usola nokuthi umsolwa ubefuna ukuqeda ngabo bonke ngoba uze wayombheka naye esitolo sakhe. Kuvela ukuthi umsolwa akathathanga lutho.
UNgcobo uthe umkakhe ubese neminyaka esebenza eMnyangweni wezeMisebenzi yoMphakathi eMgungundlovu, wathi akazi ukuthi ubenasikhundla sini.
“Ngahlangana naye eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, esevele esebenza khona,” kusho Ngcobo.
Umthombo weSolezwe uthe kunezinsolo zokuthi uhlaselwe ngezinto ezithinta amathenda asemnyangweni abewusebenzela.
UMphathiswa womnyango uMnuz Martin Meyer, edlulisa amazwi enduduzo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini, uthe bona abakutholile ukuthi ubulawe umuntu owaziwayo umndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMountain Rise, aphenya amacala amabili okubulala ngemva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane okhulelwe, nendodana yakhe ekhaya labo elisemgwaqweni u-Arabian Drive, eGlenwood, eMgungundlovu.
Uthe imbangela yokubulala ayikaziwa kanti basathungatha umsolwa.