I-ESKOM imemezele ukuthi isikwazile ukushintsha zonke izigubhu ukuba zibe sohlelweni lweKey Revision Number KRN 2.
Iveze ukuthi sebewu 7.25 million abantu abasebenzisa ugesi wekhadi asebenezigubhu ezihambisana nohlelo lweKRN 2.
Ithe ngoNovemba 24 lesi sibalo besimi ku-5.5 million okuhlanganisa nabantu abawu-400 000 abebengalithengi ikhadi.
Ibalule ukuthi sehlile isibalo sabangalithengi ikhadi njengoba siwu 1.7 million sisuka ku-2.1 million.
Icele abantu ukuba balungise izigubhu zabo kungakadluli uDisemba 13 ngokuthi baye emahhovisi e-Eskom aseduze nabo.
Labo akade bengawuthengi ugesi abangakangeni ohlelweni lweKRN 2 bayacelwa ukuba baye emahhovisi e-Eskom kusukela manje kuze kube wuDisemba 13.
Ithe nabalithengayo ikhadi kodwa abanezinkinga kufanele baye emahhovisi e-Eskom noma bangene kuWhatsApp noma online bakhulume ne-chatbot yase-Eskom ebizwa no-Alfred.
Abangakwazi ukufaka ugesi akade bethenge ngaphambi komnqamulajuqu kaNovemba 24 nabo bayacelwa ukuthi baye emahhovisi e-Eskom namakhadi abo abebewathengile ukuze basizakale.
Bayacelwa ukuba bangalindi usuku lokugcina osekuwuDisemba 13.
Abarobhe ugesi bayacelwa nabo ukuba bazicebe ukuze i-Eskom ibahlawulise bese ibalekelela.
Laba abawu-1.7 million abangawuthengi ugesi kufanele baqinisekise ukuthi balungisa izinkinga zabo ngoDisemba 13.
UMnuz Monde Bala obhekele izinhlelo zokusabalalisa ugesi e-Eskom, uthe selokhu kuqale lolu hlelo siyehla isibalo sabeba ugesi.
Uthe amakhansela nezinye izinhlaka zomphakathi ziyabasiza kulesi sikhathi sokulungiswa kwezigubhu zikagesi.
Isikhulu esiphezulu sase-Eskom uMnuz Dan Marokane sithe lolu hlelo luyazisa ukwehlisa isibalo sabangawuthengi ugesi njengoba sebethole abawu-400 000 akade bengawuthengi. Uthe ukuthenga ugesi kuzosiza i-Eskom ukuba ikhulise umnotho waseNingizimu Afrika yehlise umthwalo emahlombe abakhokhi bentela.
Ugqugquzele abantu abanezingqinamba ezihlukene ukuba baxhumane ne-Eskom ngalezi zindlela ezihlukene -Alfred Chatbot www.alfred.eskom.co.za/chatroom/
Eskom Contact Centre: Interactive Voice Response (IVR) , WhatsApp 087 741 1922.
Ukuthola uhlu lwabadayisi bakagesi abagunyaziwe abantu bangangena kule link: https://www.eskom.co.za/distribution/wp-content/uploads/2024/11/2024123Vending outlets.xlsx
Khonamanjalo uMasipala weTheku uthe zonke izigubhu zabantu baleli dolobha sezisohlwelweni lweKRN 2.