USOBISHINI umsakazi woKhozi FM okuthiwa kunophenyo lwangaphakathi olwenziwayo ngaye emva kokuphimisela amagama angamukelekile esakaza.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi ukuthi sekuqalwe uphenyo ngoZimiphi “Zimdollar” Biyela oshayela uhlelo lwasemini i-Dankie 12 to 3 ngokubambisana noKing Sfiso.
“UZimdollar usolwa ngamagama awasho esemoyeni ngasekuqaleni kwenyanga lapho ezwakale khona evikela obengumphathisiteshi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo. Uzwakale esho emoyeni, ethi abantu ukuthi kabamazi kahle uSbongi, kodwa kumele bazi ukuthi akasip&*t#li... Lokho ukusho emasontweni amathathu ngaphambi kokuthi kwesule uSbongi kuKhozi FM. La magama uwasho kwaze kwaba kabili esemoyeni okuyinto engamukelekile kuyena njengomsakazi,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe kuningi okunye okubhekwayo ngoZimdollar njengoba kunezinto ezingasukunyelwanga njengoba wake wazwakala egxeka amaphoyisa ophiko lwe-NIU, ethi abulala abantu bengenzelutho. Nalokho wakusho esemoyeni esakaza. Kulolo daba kwaze kwengenelela oweyengungqongqoshe wezamaPhoyisa, uBheki Cele, owakhuluma esemngcwabeni wephoyisa egxeka uZimdollar.
Ethintwa uZimdollar ngophenyo oluqhubeka ngaye, ukhombise ukuthuka, waphendula kafushane wathi ubengakaziswa ngalo.
Oyinhloko yezokuxhumana kwa-SABC, uMmoni Seapolelo, uthe lolu phenyo luwumsebenzi wenkampani ezimele esuke ijutshwe yi-SABC.
“Njengoba kuyinto eyenziwa yinkampani ezimele esuke iqashwe yi-SABC, yona ibika kwibhodi lakwa-SABC, akukho ekudingida nabasebenzi bangaphakathi. Uma kunophenyo olumthintayo lo msebenzi oyitoho, ngeke i-SABC ilukhulume nomunye umuntu wangaphandle noma esidlangalaleni,” kusho uMmoni.
Unqabe noma esebuzisiswa ukuthi acacise ngalolu phenyo, kodwa okucacile wukuthi ubengafuni ukuliphika noma aluvume kuqonde.
Ngokujwayelekile izikhalo ngolimi olunenhlabathi kwezokusakaza jikelele zibikwa kwi-Broadcasting Complaints Commission of South Africa futhi ziphanywa yiwi le khomishini.