ISIHLABANI somculo kamaskandi, uKhuzani “Gatsheni” Ndlovu, siqophe omunye umlando kule ndima ngokuqopha ngokuhlanganyela nezihlabani zaseLimpopo ezinezindondo zamaBET Awards.
Isihlabani sikamaskandi esakhipha inoni lengoma ethi Hit After Hit, sibe wumculi wokuqala ukucula ngokuhlanganyela nomculi owumVenda, uNdivhudzannyi “Makhadzi” Ralivhona nongumTsonga, uMaya “Sho Madjozi” Wegerif, engomeni eyodwa ethi Ndirine.
Kwenzeka lokhu nje, kulo nyaka uGatsheni usanda kuqopha umlando ngokuba wumculi wokuqala kamaskandi ukuhlabana ngendondo yeBest Male neyeBest Maskandi kumaSouth African Music Awards ngosuku olulodwa kanti futhi uhlule isihlabani esesidume umhlaba wonke uTyla kwiBest Newcomer kumaCultural and Creative Industry Awards.
UGatsheni wasoPhongolo uthe kumjabulise kakhulu ukuhlanganyela nezinye izizwe kule ngoma kaSho Madjozi.
"Kube yinjabulo kimi ukuthi kumaskandi bakhethe mina, noma ngabe bebekhethe omunye bekungeke kungiphathe kabi lokho." Uthe ukupikwa kule ngoma kusho ukuthi umculo wakhe uyathakaselwa nakwezinye izifundazwe
"Lokhu kusho ukuthi umculo kamaskandi uyalalelwa nabangakwazi ukusizwa kodwa bayakwazi ukuwulalela ngoba bebengeke basebenze nami uma into yethu bengayazi."
Uthe ukucula ngokuhlanganyela nalezi zintokazi kuhambe kahle kakhulu njengoba izingcingo zilokhu zingena zingenile, kunconywa ubumnandi bengoma yabo.
Esephetha uGatsheni uthe ukholwa ukuthi bekungeke kubelula ukuba ithakaselwe kangaka ngamabhinca ukube belingekho iphimbo lomculi kamaskandi kuyo. USho Madjozi uthe lo mcu uzoba yingxenye ye-albhamu yakhe yokugcina esihloko sithi Limpopo Champions League Vol.2 .
USho Madjozi, uthe ubefuna ukuhlanganisa izinto azithandayo kule ngoma.
"Ngiyawuthanda umculo weTshivenda nokamaskandi ngayoyonke inhliziyo yami. Ngakho kungani singajabuli sonke?
Iculo limnandi, ngiyakuthanda kakhulu okwenziwe uGatsheni kulo. Isasasa engilibone likhonjiswa yisizwe samaZulu liyikitazile inhliziyo yami.
Ukubona amaZulu ezama ukudansa iXibelani (okuwumdanso wesiTsonga) kuyahlekisa futhi kumnandi," kuphetha uSho Madjozi wodumo lwengoma ethi John Cena futhi oke wahlabana nakumaBET Awards.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMakhadzi ayiphumelelanga.