UTHUKUTHELE uyaveva uDJ kuvalwa ingoma yakhe, ngezizathu ezingezwakali kwiGagasi FM.
UDJ Stax, ukhala ezimathonsi ngokuvalwa kweculo lakhe elisha elithi: Ungayithi Vu. Lo DJ ophinde abe nguphrojusa womculo, ufake incwadi ezinkundleni zokuxhumana lapho abechithwa khona yiGagasi FM, likhala ngokuthi ingoma yakhe, ayihambisani nemigudu elandelwayo ukufaka ingoma emsakazweni.
Ethintwa uDJ Stax, uthe udumele ngesenzo seGagasi FM ngoba ingoma yakhe akukho lapho ihlambalaza khona noma ephimisa izinhlamvu zamagama angamukelekile emphakathini.
“Bengingaqali ukuthumela iculo kwiGagasi FM. NgoMashi kulo nyaka ngike ngalithumela elinye lamaculo ami balemukela futhi ladlalwa emsakazweni. Njengophrojusa womculo osenesikhathi enza lo msebenzi ngilandele yonke imigudu yokufaka iculo emsakazweni. Bathe uma bengiphendula bathi iculo lami alithembisi ukuthi lingaduma yingakho bengalithathanga. Ngivele ngamangala ukuthi bakusho kanjani lokho ngoba leli culo seligijima ku-7 million ngokulalelwa abantu kwiTik Tok, no-200 000 kuYouTube libe linamasonto amathathu liphumile,” kusho uDJ Stax.
Uthe okumxakayo leli culo lakhe liyadlalwa kuyona yonke imisakazo emikhulu alifake kuyona njengeMetro FM, Umhlobo Wenene neminye emikhulu.
Uveze ukuthi nalesi sizathu abasishoyo ngaleli culo siyamdida ngoba ayebanike lona ngoMashi liphansi ngezinga laleli elisha ngokuthandwa ngabantu.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe awukho umthetho obaphoqa ukuthi bachaze izizathu zokungalidlali iculo emsakazweni.
“Kwakhona ukuthi siyaphendula sisho ukuthi ngeke sikwazi ukulidlala, kuwukuhlonipha ukusebenzisana esinakho nabaculi, akungoba siphoqelekile,” kusho uKhulekani.
Isolezwe Ngempelasonto, liyibonile ikhophi yencwadi ebhalwe yiGagasi liphendula uDJ Stax, kanti noKhulekani ukuqinisekisile ukuthi ibhalwe yibona ngokuphendula okushiwo kuyona.
Leli phephandaba liphinde layilalela le ngoma kaDJ Stax, esisuse umsindo. Izinhlamvu zayo azihlambalazi, azithuki futhi akukho lapho zinehaba khona kodwa izikhulumela ngothando.