UKUPHAKAMA kwengoma yeBig Nuz epike uTira ethi: Ukhetha Bani, sekususe izinkulumo zokuthi idedelwe ngenhloso yokubangisana nekaDJ Kotin, iHello.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, kuthiwa kwakunevesi eliculwa nguTira kwiHello, kodwa uKotin walikhipha ngaphambi kokuba ingoma iphume, okuyinto okuthiwa ayehlanga kahle kuTira nabanye abasondelene naye.
Evesini likaDanger ongomunye wababoshelwe njengeBig Nuz engomeni kaKotin, uyazwakala ethi baphethe uTira, noProfessor kodwa angabe esabonwa nangokhalo uTira kuyona. Nakwividiyo yayo kuvela uKotin noDanger omele iBig Nuz, uTira akaveli nakancane ngaphandle kokuthi igama lakhe ligcine ngokumenyezwa nguDanger.
Kuzwakala nezwi likaMampintsha okungaqondakali noma lafakwa nje engomeni noma naye wayecula, lapho ethi, “Kuyatonya la.”
KweyeBig Nuz ethi: Ukhetha Bani kuzwakala uDanger ethi: “We Mpintsho Engathi kuyatonya la. Kuphinde kuvele noTira njengomunye wabapikwe yiBig Nuz ethi: ”Ukhetha ukuyivala thina siyayivula, ukhetha bani.“ Kwelinye ivesi kucula uTira noDanger bathi: ” Abafana base-Afro bazokukhipha inkani.“
EkaKotin inezinyanga ezimbili iphumile kanti eyeBig Nuz isenamasonto amathathu iphumile. Nesigqi sezingoma kasihlukile kakhulu.
Ethintwa uKotin ngezinsolo uphike wama ngentaba ukuthi kukhona ukushayisana phakathi kwakhe noTira.
“Ingoma yami indala futhi yaqoshwa kuqala ngisho kunezingoma zeBig Nuz ezidume ngonyaka odlule. Ngangipike iBig Nuz ukuthi icule kuyona. Kuyiqiniso ukuthi kukhona lapho kubalwe khona uTira kodwa akuyena yedwa obaliwe kodwa wagcina engavelanga. Kubalwe noProfessor naye akavelanga. Ngokwezinhlelo zethu babezofaka amavesi abo kodwa kwagcina kungenzekanga ngenxa yokuthi ingoma yayizoba yinde kakhulu ngenxa yokuthi yayivele isinamavesi amabili okungelami nelikaDanger okhona njengeBig Nuz. Nokuphuza ukuyikhipha kungenxa yokuthi bengimatasa nomsebenzi kaSthelo,” kuchaza uKotin.
Uthe abanankinga nencane noTira futhi umqashile ngisho nakwiFacts Durban Rocks.
Kuthintwwa uTira uthe: “Ngicela ningangibhedeli bafwethu. Okokuqala yimina lona ofake uKotini ohlwini lwabazonandisa kwiFact Durban Rocks,” eshaya ngezinqamulelayo.