SEKUSUKE umsindo ngomdlalo weshashalazi, iMambazo The Musical, okhuluma ngempilo kaJoseph Shabalala neqembu alisungula iLadysmith Black Mambazo.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi kushaywe ngesithende umbhali futhi ongumqondisi wawo, u-Edmund Mhlongo njengoba usukhuza ibuya.
Lo mdlalo sewuqondiswa nguDesmond Dube futhi usubizwa ngeJoseph Shabalala Musical.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, simuncu isimo phakathi kuka-Edmund nemenenja yeLadysmith Black Mambazo, uXolani Majozi.
Umthombo wephephandaba ongashayi eceleni uveze ukuthi sekuke kwaba nezingxoxo ezishubile phakathi kuka-Edmund , uXolani nendodana kaShabalala, uSbongiseni ongomunye wabahola iqembu.
“Inkinga idalwe wukuthi ngesikhathi wethulwa ngokusemthethweni lo mdlalo eJoburg Theatre emasontweni edlule, abantu bashayele ucingo * -Edmund bebuza ngezinhlelo zomdlalo kanti akazi lutho ngawo.
Ugcine esebuza uXolani noSbongiseni ukuthola ukuthi kwenzekani. Kufike kwavela kulo mhlangano ukuthi * -Edmund akasezoba yingxenye yawo futhi akaziswanga ngalokho. Lezi zindaba azehlanga kahle ku-Edmund, ebasola ngokudla amandla akhe,” kusho umthombo.
Uqhube wathi, kulo mhlangano bavumile uXolani noSbongiseni ukuthi benze iphutha ngokungamazisi.
Ethintwa uXolani, uthe ukuba khona komdlalo kwakuvele kungumqondo wakhe nasekuqaleni njengoba eyimenenja yeqembu.
“Kwaba yimina owaya ku-Edmund ngo-2013, ngacela ukuthi asibhalele aphinde aqondise umdlalo.
Asibanga nesivumelwano sokuthi uma kukhona into ethinta iLadysmith Black Mambazo kuzokhulunywa naye.
Sasebenzisana ngalesiya sikhathi kwaphela. Manje sesiza nomsebenzi omusha esiwuqale phansi njengoba sizoba nenhlolokhono yokuhlunga abalingisi bawo eGoli. Ngalokho asixabene no-Edmund . Uma uzokhumbula kahle mina ngahamba eKCap (ka-Edmund Mhlongo) ngo-2010 kodwa ngabuya ngo-2013 ukuze senze umdlalo, okuchaza ukuthi sinobudlelwane obuhle naye,” kusho uXolani.
Ethintwa u-Edmund uthe kuyamxaka ukuthi kubuye umdlalo okhuluma ngento eyodwa bese kuthiwa akusewona lo owabhalwa wabuye waqondiswa uyena.
“Ngaphambi kokuba ngiwenze, ngenza ucwaningo olwangithatha iminyaka emithathu nobaba uJoseph Shabalala. Kune-video esayiqopha sixoxa noShabalala echaza ngempilo yakhe neqembu. Kuleyo video sinelungelo elilinganayo lokuyisebenzisa phakathi kwami uXolani noSbongiseni. Njengoba bezophinda into efanayo, balwenze nini ucwaningo njengoba ubaba uShabalala engaphilile kahle empilweni futhi izinto eziningi akasazikhumbuli.
Kwamina ngathwala kanzima ngesikhathi ngisayiqopha ngoba wayeseqalwa ukugula abuye akhohlwe, kuphoqe ukuthi simise ukuxoxa abuye aqale phansi esekhumbula,” kusho * -Edmund .
Uthe akakhaleli imali okuxhaswe ngayo lo mdlalo kodwa usaba ukuthi uzokhishwa ngendlela yini umlando kaShabalala njengoba engasakwazi ukuchaza lutho ngempilo yakhe futhi kuzokwehla nesithunzi sakhe njengoba abantu bazi ukuthi umdlalo waqala ukwenziwa uyena. Uthe uma bezosebenzisa i-video abayiqopha bazobe besaphinda into eyodwa.
UXolani uthe yonke into bayiqale phansi ngomdlalo, baphinde bawubhala kabusha. Nabalingisi abaphambili abebekuwona njengoJabulani JB Mthembu owayedlala indawo ephambili kaShabalala kuwona, uthe akanasiqiniseko sokuthi uzoba khona ngoba umatasa neqembu lakhe iThee Legacy.