UMREPHA obuye abe ngumlingisi, noyilungu loMkhonto weSizwe Party, ubopha abomdlalo Umkhokha: The Curse ngokumbambisa udonga ngokulingisa indawo kaMlungisi.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ukuthi uMxolisi Majozi, owaziwa ngelikaZuluboy emculweni, akeneme neze ngesenzo saboMkhokha yingakho esebathathela izinyathelo.
“UZuluboy wayeqashwe ukuzolingisa indawo kaMlungisi Mthembu. Wayesesayine nenkontileka yokuthi uzolingisa kulo mdlalo. Waze wanikwa nombhalo wale ndawo ayezoyilingisa, okwamthatha izinsuku ezinhlanu ukuzilungiselela ukudlala le ndawo. Uthe esezilungiselele, sekumele aqale ukushutha kwavele kwathushuka uNkanyiso Mchunu eselingisa le ndawo. Akabange esayithola impendulo ecacile kubaphathi balo mdlalo, wagcina echitheke kanjalo,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi abaMkhokha bazama ukumnika omunye umsebenzi owawusunemali encane kunale ayazi ukuthi uzoyithola, wayinqaba.
UPortia Hlongwane weM-Net, ukuqinisekisile ukuthi ikhona inkinga ekhona phakathi kukaZuluboy neRhythm World Productions, engabanikazi boMkhokha: The Curse.
“Bonke abalingisi boMkhokha: The Curse baqashwa yiRhythm World Productions. Sinalo ulwazi ngale nkinga futhi sethemba ukuthi uMxolisi Mgingqeni Majozi neRhythm World bathole isisombululo kule ndaba,” kusho uPortia.
UZuluboy uthe impela icala lisesigabeni sokuxazululwa futhi imphethe kabi lento yoMkhokha.
“Bazama aboMkhokha ukunginika imali kodwa yayincane kakhulu ababefuna ukunginika yona. Ababefuna ukukukhipha kufana nenhlamba kumina. Sizohlangana enkantolo nabo. Sikhathele abantu abadlala ngamaciko,” kusho uZuluboy.
Imizamo yokuthola isikhulu esiphezulu seRhythm World Productions, uDuma Ndlovu, ayiphumelelanga.
Umyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kwenzeka lokhu nje, uZuluboy ungomunye wosaziwayo abaphumele obala ngokuba yilungu loMkhonto weSizwe Party eholwa ngowayewumengameli uJacob Zuma.
Nasemidlalweni yethelevishini ushaya into ecokeme emdlalweni woMzansi Magic, iCode 13 edlala ngeSonto. Kulo mdlalo ulingisa noZolisa Xaluva nabanye abalingisi abahlonishwayo.
NakwiMbewu: The Seed wake walingisa khona enza ezibukwayo. UNkanyiso Mchunu okunguye owathola indawo kaMlungisi kuMkhokha, naye ungomunye wabalingisi abayintandokazi kwiMy Brother’s Keeper kuMzansi Magic. Khona udlala indawo kaNdumiso ongenye yamadodana kaShabalala enenkinga yokuxabana nonkosikazi wayo owake wamjolela.