UWUVALE ngegiya eliphezulu u-2023 uMörda Bongz njengoba kunguye kuphela umculi wase-Afrika oqokwe ukuthi enze ingoma yomdlalo iThe Colour Purple ezoqala ukubonakala emaCinema kusuka ngoJanuwari.
UMörda Bongz wenze ingoma ethi Mysterious Ways ngokuhlanganyela noBranden Praise.
Le ngoma ephume ngesonto eledlule, izozwakala kule filimu nezinye ezenziwe ngabaculi okukhona kubo uMary J Blige, Jennifer Hudson, Keyshia Cole, Coco Jones, Mary Mary, Missy Elliot nabanye abaningi.
Ekhuluma ngethuba alitholile, uMörda osanda kuhlonishwa ngezindondo ezimbili emcimbini wamaSama nosanda kukhipha i-albhamu yakhe ethi Asante II, uveze ukuthi naye akakholwanga bemtshela ngaleli thuba.
“Bangitshela ukuthi nawu umhlaba udinga ingoma ezoshisa izikhotha eqhamuka kimi. Ngavele ngathinta uBreden ngamtshela ukuthi akenze ivesi lakhe ngoba ngiyazi ukuthi uma sihlangene senza into emangazayo. Vele kukhona ingoma esasiqalile naye nengabona ukuthi siqhubeke nayo ngoba ngazi kahle ukuthi uma sihlangene sobabili senza into engumlilo futhi ejabulisa abantu. Ngakho sathi siyiqeda nje sangangabaza ukuthi senze kahle futhi le ngoma abantu bazoyithanda,” kusho yena.
Uthe isihloko sale ngoma ngokwabo sichaza impumelelo ababe nayo.
“Ngingasho ngingangabazi ukuthi uNkulunkulu ube muhle kakhulu futhi usebenza ngezindlela zakhe empilweni yami nakulo mkhakha engikuwo. Unginike ithalente futhi wangilethela nenjabulo engingakaze ngibe nayo. Ngomculo angingabazi ukuthi ngiyakwazi ukulapha imiphefumulo ehlukene futhi lokho nabantu bayangitshela khona,” kuchaza yena.
Lo mculi owumyeni kaDJ Zinhle, uthe uyabonga kakhulu kubaqophi bale filimu iWarner Bros ngokukhetha bona ukuthi benze le ngoma.