Umndeni womculi ongasekho, uZahara, ukhala ngobunzima bempilo kusuka ashona ngoDisemba nyakenye.
UZahara, wodumo lwezingoma okubalwa kuzo iLoliwe nezinye, washonela esibhedlela ngemuva kokuxinwa wukugula.
Udadewabo omdala, uBandezwa Mkutukana, utshele leli phephandaba ukuthi uzama imali yokuthenga umuzi kadadewabo oseGauteng owagcina udliwe yibhange wadayiswa.
“Enye into eyabulala udadewethu yindaba yomuzi wakhe owadayiswa esidlangaleni. Wafa ezama ukulwela ukuthi ubuyiswe,” kusho uBandezwa.
Uthe inkampani eyawuthenga ibavumelile ukuthi bahlale kuwo kuze kuphele u-Ephreli nokuyingakho bezama imali yokuwuthenga ukuze ubuyele kubo.
“Sikholwa ukuthi yiyona nto abeyifuna ngakho sizozama konke ukwenza isiqiniseko sokuthi leso sifiso siyafezeka. Imali edingekayo icela kuR 1million. Singajabulela noma yiluphi usizo esingaluthola futhi umuntu angasithinta ngqo bese simnikeza i-akhawunti yomlungu ongumnikazi womuzi manje,” kusho yena.
Uthe kade behla benyuka bezama ukuthola imali yomculo kadadewabo kodwa abakayitholi. Uthe lokhu kuhlukumeza abazali babo kodwa abakalilahli ithemba ngoba bathemba uNkulunkulu.
“Sizama ukuthola imali yakhe (Zahara). Besithi sizokhokha ngayo kodwa akukalungi. Umculo wakhe ubudlala ngoNovemba kanje futhi siyazi ukuthi ngoJanuwari noFebhuwari ubeba nemali. Besithembe ukuthi sizothola yona bese sikhokhela umuzi. Kunzima. Sifuna ukuba nommeli ozosiza asibhekele yonke le nto ngoba asinalo ulwazi. Uma kukhona ongasiza singajabula,” kusho uBandezwa.
Kuhlelwa ikhonsathi yokuqongelela imali yokuthenga umuzi.
Obeyimenenja kaZahara, u-Oyama Dosiba, uthe ubengazi ngayo.
UBandezwa uthe bayihlelela ukuthi ibe ngempelasonto yango- Ephreli 26 e-East London.
Uthe kukhona uVusi Nova, Lusanda, Butho Vuthela nabanye.
“Bavumele phezulu ukuthi bazosiza laba baculi ngakho sinethemba lokuthi sizokwazi ukuqongelela imali eyanele. Amathikithi sizowadayisa eComputicket. Ofuna ukuxhasa engathenga amathikithi.”