INTANDOKAZI yomlingisi wakuleli iyazichitha izinsolo zokudlelwa umuzi kanokusho osendaweni yomtakabani eGoli. USophie Ndaba ngempelasonto kuvele ukuthi elinye lamabhange amakhulu selimdlele umuzi maqede lawufaka endalini kulandela ukuhluleka ukuwukhokhela.
Lo muzi awuthenga ngemali okubikwa ukuthi ingaphezulu kuka-R2 million, kuvela izinsolo zokuthi uSophie ubesesalele emuva ngoR80 000 ebhange. Kubikwa ukuthi lo muzi kumele awukhokhele imali engaphezu kukaR22 000 ngenyanga.
Lo saziwayo uqophe ivideo wayinameka emakhasini akhe ezokuxhumana, eziphendulela futhi ecacisa ngalezi zinsolo. Ukubeke kwacaca ukuthi kunesivumelwano anaso nebhange futhi nomuzi awuzodliwa.
"Ngiwudayisele i-agent umuzi wami ngohlelo lokudayisa esidlangalaleni. Okokusalela ngemuva ekukhokheni, lokho kuphakathi kwami nebhange," kusho uSophie othe ngisho iphephandaba lesiNgisi elibhale lolu daba nentatheli yakhona, abahlangene nalolu daba.
Uphinde wabalisa ngesimo sakhe sempilo. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mlingisi uphila nesifo sikashukela. Waphumela obala kulandela ukuthi ephenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana, abantu behlekisa ngokuncipha kwakhe emzimbeni.
USophie uthe lesi yisikhathi lapho enza konke okusemandleni ukuqala kabusha impilo nokulungisa izinto zakhe, ngakho akafisi kube khona izinto ezingezinhle ezimphazamisayo.
Abantu abaningi bamqinise idolo ngesimo abhekene naso bemduduza ngokuthi lokhu abhekene nakho kuzodlula. USophie ungomunye wosaziwayo besifazane abangaconsi phansi kubantu kusukela esadlala indawo kaQueen kwiGenerations.
Yize esenenkampani ehlela imicimbi emikhulu, elingisa nakweminye imidlalo kodwa iningi labantu lisalokhu libambelele kule ndawo aduma ngayo. Uke waveza nobunzima ake wabhekana nabo ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi unesifo sikashukela.
Kodwa muva nje uvuke wazithatha wabuyela nasekulingiseni emuva kwekhefu elide.