UMLINGISI wemidlalo yethelevishini uPortia Ncwane owagqama kwiMbewu: The Seed, uthathe isinqumo sokubheka kabanzi uhambo lwamagidangoma ngefilimu eyiqophamlando iTales of a Zulu Folk Dancer: Igida Ngoma.
Le filimu uthe izoqala ukubonakala kuGu Film Festival ngenyanga ezayo futhi kunezinhlelo zokuthi ibukwe ngokukhethekile ngaphambi kokuba ikhonjiswe kulo mbukiso.
Uthe okwenze wathatha isinqumo sokuthi agxile ohambweni lomuntu oyigidangoma, wukuthi akukuningi okushiwo ngamagidangoma kanti kunendlela abekelwe ukuthi aziphathe ngayo ukuhlonipha umsebenzi wawo.
“Abaningi bazi ukuthi uma uyigidangoma uyagida bese kuphela kanjalo kanti akunjalo. Miningi imithetho ebekelwa amagidangoma futhi anendlela aphila ngayo. Ngenxa yokuthi ibingakaze ibe khona ifilimu ekhuluma ngawo, akukuningi okwaziwa abantu ngawo, nokwenza bazitshele ukuthi okwawo kuphelela ekugideni kuphela,” kusho uPortia.
Kule filimu kuzobonakala uGadlabethithiza Nxumalo, ongomunye wabaculi bakamaskandi asebevelele nabaqala bengamagidangoma. Abanye abakhona oThabile Mzobe, Mshovo, Mayekisa, Lindokuhle Qagela Nxumalo noMpilo Magubane.
UPortia uthe kuyona kucaciswa nangamatemu ajwayele ukusetshenziswa kumaskandi ukuthi kungani kusuke kubizwana ngaleyo ndlela.
Ngaphezu kokuthi ungumnikazi wefilimu, uthe naye uyilona igidangoma futhi usejikeleze umhlaba egida nokwenze wakwazi ukuqhamuka nalolu hlobo lwefilimu ngoba uyazi kuningi okudingekayo ukuze ube yigidangoma elivelele.
Lo mlingisi akamusha endimeni kaqedisizungu njengoba esake wahlonishwa yiNational Heritage Council of South Africa ngomsebenzi awenzayo kwezobuciko namasiko kuleli. Usake wahlabana ngendondo yeShero kwiGagasi FM emkhakheni wezokungcebeleka nomculo.
Uphinde abe ngumsunguli wePortia Ncwane Foundation neSbani Media Productions, okuyinkampani egxile ezintweni zobuciko. KwiTales of a Zulu Folk Dancer: Igida Ngoma, usebenze noSbusiso Hlongwa we-Embo Films neNyachengos Films. Le filimu uthe bebengenaluxhaso kodwa bayenze ngokuzinikela ngenxa yokuthanda umsebenzi wabo.