UNKOSIKAZI kaphrojusa owayengumculi ongasekho, uRobbie Malinga, ukhala ezimathonsi ngemali yomyeni wakhe athi icwile eTS Records. Uthi wayenza ngokuphrojusa ama-albhamu amathathu kaZahara.
U-Ann Malinga uthi sekuphele iminyaka emibili elwela ukuthola imali kaRobbie, eTS Records kodwa izikhulu zenkampani azimniki into ecacile ngemali yomyeni wakhe. Imali akhala ngayo athi kumele ngabe uyayithola ngeyamaroyalty okuphrojusa ama-albhamu amathathu kaZahara okunguLoliwe, Phendula neCountry Girl. Kunalokho kuvela uR3 247.13 okuthiwa bekumele awuthole ngo-2021 kodwa nawo akawutholanga ngoba kuthiwa kusakhokhwa isikweleti semali yaseTS enguR80 000 ayinikwa yizikhulu zakhona ngo-2021.
“Le mali abayivezayo ukuthi kumele engabe ngiyayithola, iyinhlamba kumina nakuRobbie. Emsebenzini wakhe ongaka awenzile kodwa kuvezwa imali engekho okuthiwa iyona okumele ayithole. Sekuphele iminyaka emibili ngikhuluma noTK (TK Nciza oyisikhulu seTS Records) ngalento kepha angisizakali. Ngihlala ngimtshela ukuthi angilwi naye kodwa ngizama ukulungisela izingane zami zazi konke ngomsebenzi kayise nemihlomulo okumele ziyithole ngayo," kuchaza u-Ann.
UDumisani Motsamai ongummeli waseTS Records, uthe iphutha laba sekutheni bangacacisi yonke into ngokwenzekayo ku-Ann.
“Ngokwezinhlelo zezinkampani zomculo, kuba namaphesenti asuke ebekiwe ukuthi umuntu uzothola malini ngomsebenzi wakhe. Yize iTS Records yaba yinkampani yabantu abamnyama eyenza kahle kodwa isesigabeni sezinkampani ezincane. Ngenxa yalokho yaba nesivumelwano ne-EMI sokuthi bonke abaculi abayingxenye ekwenzeni umculo wakhona, icela kube yi-EMI ecazela wonke umuntu imali emfanele. Nayo iTS Records ibithola ingxenye yayo eqondene nayo emalini ecazwe yi-EMI. Wonke umuntu ubethola imali iqhamuka kwa-EMI,” kuchaza uMotsamai.
Uthe ngenxa yokuthi i-EMI yathengwa yi-Universal Music, leso sivumelwano saqhubeka phakathi kwabo kwaze kwaba wu-2021, okuphele ngawo inkontileka phakathi kwabo ne-Universal Music.
“Ngesikhathi sekuphela inkontileka senza entsha ne-Universal Music yathi ngeke isakwazi ukuthi iqhubeke nokusabalalisa imali kubantu njengoba bekwenzeka. Ngo-2021 u-Ann wanikwa uR80 000 nawo owawucozulwe kule mali esayibolekwa i-Universal Music,”usho kanje.
Uthe inkinga kwaba wukuthi uTK Nciza akacacisanga ku-Ann ngale mali ukuthi iyimali mboleko akuyona imali esiyenziwe ngomculo wama-albhamu aphrojuswe wuRobbie. UR3 247.13 lo abakhuluma ngawo uthe iyona mali yamaroyalty ebisenziwe ngomsebenzi kaRobbie kusuka ngo-2021. Uthe akanikwanga yona u-Ann ngenxa yokuthi usakhokha isikweleti sika-R80 000 awunikwa ngo-2021.
Ngokocwaningo luka-Ann, le mali eyezingoma ezimbili kuphela. UDumisani uthe nabo basazama ukuthola ulwazi e-Universal ngezinye izingoma ezaphrojuswa nguRobbie kodwa banenkinga yokuthi u-Ann akabaniki isikhathi esanele. URobbie washona ngoDisemba 2017.