UKUPHENDULA umbuzo owenze wanqoba isicoco sika-Miss Tech Universe wokuthi angayenzelani iNingizimu Afrika, uthi yikhona okumgqugquzelile ukuthi athuthukise izwe kwezobuchwepheshe uBonisiwe Gumede (30) odume ngelikaThandoh ekumodeleni.
Le ntokazi yaKwaMnqobokazi, eHluhluwe, nesebenzisana noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ekufundiseni ezobuchwepheshe, ithi ibone ithuba lokuthi abantu bangakwazi ukuzenzela imali behleli emakhaya ngobuchwepheshe.
“Ngesikhathi ngisemqhudelwaneni ka-Miss Tech Universe ezinyangeni ezine ezedlule, ngibuzwe ukuthi yini engingayenzela izwe lami iNingizimu Afrika ebengilimele kuwona. Kungifikele ukuthi ngikhulume ngokuthuthukisa ezobuchwepheshe nokuthi abantu bakwazi ukwenza imali behleli emakhaya. Kudingeke ukuthi ngikuchaze engikushoyo ukuthi ngizokwenza kanjani, kwachazeka amajaji, ngawina umqhudelwano,” usho kanje.
Uthe emva kwalokho, uthathe isinqumo sokuthi aqale lokhu abekhuluma ngakho wagcina efinyelele ekutheni avule iSmartearn.co.za.
“KwiSmartean.co.za akukho mali ekhokhwa ngabantu ukuba yingxenye yayo. Ungena kwi-Link yethu ubone konke okwenzekayo nokuthi ungenza kanjani ukuthi ukwazi ukukhangisa ngemikhiqizo osuke ufuna ukuyikhangisa. Uma kungukuthi udinga ukuqeqeshwa ngokuqhuba ibhizinisi usebenzisa iSmartean ukhokha u-R500 kanye ukuqeqeshwa ngesiZulu noma ngesiNgisi.
“Emva kwalokho awuphinde ukhokhe lutho uziqhubele ibhizinisi. Thina sikusiza ukuthi ukwazi ukuxhumana namakhasimende akho uwathumele imikhiqizo yakho. Imikhiqizo esivumela ukuthi idayiswe esuke inemvume yokuthi ingadayiswa,” kusho yena.
Eminyakeni emithathu edlule, uThandoh owayenguthisha, wasungula inkampani i-BSG & Technologies waphinde waba nesikole esizimele esisebenzisana noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal esizinze eMkhanyakude. Ngalesi sikole sakhe esisebenzela ezikoleni ezahlukene eMkhanyakude, ugxile kwi-Science, Maths, Technology, Coding ne-Robotics kusuka ku-Grade R kuya ku-Grade 12.
Ekumodeleni uphethe isicoco sika-Miss Tech Universe 2024/25, esikaMiss Dot Africa Digital 2022/23. EsikaMiss Dot Africa Digital usithole eThailand, wase ethatha esika-Miss Tech Universe eDubai, lapho abeqhudelana khona nezinye izintokazi ebezimele amazwe awo ezingu-50.
Ngokwemfundo une-BSc Microbiology and Hydrology ayithole e-University of Zululand futhi usebenzisana noMnyango wezeMfundo nowe-Science and Technogy/Innovation.
Emiklomelweni yezindondo aseke wayithatha kukhona iMoses Kotane Innovative Award ayithole ngo-2021, waphinda wathola izitifiketi ezehlukene kwiSayensi.