Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa namhlanje kwiShowmax.
UMinnie uthe konke akuzwile akukho okumphathe kabi kunalokho ubefuna kujatshulwe futhi kuhlekwe.
“Konke engikuzwile ngingakuguqula kube yinto enhle empilweni yami. Ukuba sesihlalweni esifana nalesi kimi kusho ukuzibungaza mina nomkhakha wobumnandi engikuwona nesengineminyaka ngangena kuwo. Ngakho lolu hlelo kube mnandi ukuthi ngibe kulo kuningi engikuzuzile,” kuchaza yena.
Lolu hlelo luzobe luphethwe uJason Goliath noTumi Morake.
Abanye osaziwayo ababonakale ohlwini oluzogcona uMinnie kubalwa uRobert Marawa, Lasizwe, Celeste Ntuli, Penny Lebyane, Trevor Gumbi, Siv Ngesi, Da L.E.S noShahan Ramkissoon.
“Ngiyabonga kubona bonke ozakwethu esinabo kulo mkhakha abafike bazobungaza kanye nami. Kungijabulisile ukubona osomahlaya abaningi nabakade bephumile ukuzongigcona nabaziyo ukwenza amahlaya ngendlela, benza uhlelo lonke lwaba olujabulisayo. Bebazi ukuthi bazokwenzani lapha futhi bakwenza ngendlela. Konke abakade bekusho okuyiqiniso noma amanga bakwenze kwaba yihlaya nabanye ozakwethu ke abangebona osomahlaya nabo benze kahle kakhulu,” kuchaza yena.
Uthe umuntu ozomangaza abaningi uRobert Marawa obeqhulula amahlaya amaningi.
Uveze ukuthi yize esebuke izinhlelo eziningi zalolu hlobo zakuleli kodwa ucabanga ukuthi olwakhe luhamba phambili.
Khonamanjalo uMablerh uzoshaya ibuya azophatha uhlelo eziqeshini ezimbili zokugcina ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.
UMablerh waseMlaza ushayelwe ihlombe ngonyaka odlule ethola ithuba lokwethula lezi zinhlelo, nokuphoqe ukuthi abuye kulo nyaka.
Isiqephu sokuqala sokuphendula imibuzo ngabakade bekusho ngabanye besifazane izobonakala ngoMeyi 15 kwiShowmax.