UMHLELI woMgungundlovu Maskandi Festival ukhala ngomculi kamaskandi athi ugoloza no-R7 500 wakhe amkhokhela wona ukuthi azonandisa emcimbini wakhe ngo-2019.
UMthetho Latha ongumhleli walo mcimbi kamaskandi, uthe wayekhokhe ingxenye yemali ayeqashe ngayo uNjoko “iHobosha” Mbambo emqasha ukuthi azonandisa wagcina engafikanga.
Uthe inkinga yaba kuyena uNjoko ongafikanga ekubeni umcimbi waphela ngo-11 ebusuku.
“Savumelana ngokuthi ngimfakele u-R7 500 okwakunguhhafu wemali engangimqashe ngayo. Kumina wathembisa ukuthi uzofika ntambama ngabo-6. Angibanga nankinga ngoba umcimbi waze waphela ngo-11 ebusuku. Inkinga yaqala engasaqhamuki, kwahlula noma sengimfonela engasalubambi ucingo lwami. Ngakusasa ngaxhumana naye, ngimazisa ukuthi kumele abuyise imali, wavuma ukuthi uzoyibuyisa. Sekumele ayifake, wavele wathula wangakwenza lokho. Ngaphinde ngambuza, wavele washintsha wathi okungcono uzobuyisa uhhafu wayo ngoba kusetshenziswe isithombe sakhe ukumaketha umcimbi. Ngamtshela ukuthi kwesivumelane ngakho akukho lapho sikhulume khona ngemali yokumaketha umcimbi,” kusho uLatha.
Uthe manje usemthathela nezinyathelo zomthetho ngoba ingubugebengu lento ayenzayo.
Kuthintwa uNjoko, uthe impela akaphumelelanga emcimbini kodwa iphutha laba kuyena uLatha.
“Imali ayengiqashe ngayo kwakungu-R15 000, okungeyona imali engiqashwa ngayo. Ngamehlisela ngoba wathi naye uyaqala ukwenza umcimbi. Ngamazisa ukuthi akafake uhhafu, wawufaka u-R7500. Ngalelo langa nganginemicimbi eminingi, ngamazisa ukuthi ngizofika ntambama. Ngathi sengisendleleni ngiya khona wangifonela ngabo-3 ntambama ethi umcimbi usuphelile. Ngajika endleleni,” kusho uNjoko.
Uthe imali wayezimisele ngokuthi abuyise uhhafu wayo ngoba uLatha wasebenzisa isithombe sakhe ukumaketha umcimbi wakhe.
“Umthetho nje ukuthi uma usebenzise isithombe sami umaketha umcimbi, uhhafu wemali ekhishwe phambili usuke ukhokhela ukuwumaketha. Mina bengifuna ukumnika uhhafu wayo nakhona bengimenzelela kodwa yena uyifuna yonke. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngingamfakeli nhlobo ngoba akafuni ukuthatha uhhafu. Ngicabanga ukuthi umcimbi wakhe awuhambanga kahle yingakho efuna imali,” kuqhuba uNjoko.
ULatha uthe kungamanga ukuthi umcimbi washeshe waphela.