UWUFANISE nomcimbi wabadala athi ubephothula khona edla amagobongo umdansi waKwaMashu obenomcimbi wosuku lokuzalwa kwakhe odonse izinsuku ezinhlanu kudanswa ubusuku nemini.
UMzamo Mgilane (29), odume ngelikaMgilane, kuze kwaba izolo zibuya endaweni yobumnandi iLondon on 75 KwaMashu egubha olokuzalwa.
Lo somabhizinisi waKwaMashu kwa-K, udume ngokuba umcwali wezinwele aphinde abe umdansi.
Isolezwe lixhumane naye lifisa ukuzwa ukuthi ngempela kuyiqiniso yini okulokhu kuvezwe ezinkundleni zokuxhumana ngalo mcimbi.
Ebamba ucingo lwakhe bekuzwakala ukuthi uvuka ebuthongweni, into yokuqala ayitshele intatheli iqeda ukuzibika kuye uthe “Dadewethu njengoba uzwa kuthulekile nje ngisekhaya ngizobamba i-Future life nesiwasho ukuze ngibuyele eLondon ngiyoqhubeka nokugubha njengoba imali isekhona futhi ngingazi ukuthi iyophela nini, bese kuphela nalo mcimbi,” kusho uMzamo.
Uthe njengoba umcimbi wakhe ube nesasasa ezinkundleni zokuxhumana ingoba ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa obelungoMgqibelo.
“Abantu abangaziyo bayazi ukuthi mina ngiyazithandela ukudansa. Unyaka nonyaka umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa bengiwenza ekhaya ube izinsuku ezintathu nangaphezulu. Into eyenze waba nedumela kulo nyaka abantu bamangala ukuthi ngiwukhiphile ekhaya ngawusa ngaphandle nokulapho abantu bethole ithuba lokuwusabalalisa kodwa kimi nabangani bami akukusha lokhu,” kuchaza yena.
Uthe ekhaya kubo ubegubha nomndeni wakhe nabangani bakhe ngoba abazali bakhe bebemeseka, kodwa omakhelwane bakhononda bekhala ngomsindo.
“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ofikile wazongixhasa. Ngiyathemba ukuthi nangokuzayo bazokwenza lokhu abakwenzile. Sizophinde siqale ngomcimbi omncane ngoLwesihlanu owaziwa ngamaStarter, silandele ngomcimbi omkhulu, kuze owophaqa, bese siyaphothula sidle amagobongo,” kuchaza yena.
Uthe okumangazayo ukuthi nendodana yakhe eyodwa eneminyaka emihlanu esenkulisa, othisha sebemtshelile ukuthi igila izimanga ngomdanso, uma befundisa.
Umatikuletsheni uthe uwuqede eJohn Dube khona KwaMashu.
Ama-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana iwona adonse amehlo abantu njengoba eqale ukubonakala ngeSonto ekuseni.
Kule ndawo bekugcwele sengathi umcimbi usanda kuqala.
NangoMsombuluko kanjalo nayizolo abantu bebesawafaka ama-video besho ukuthi umcimbi usaqhubeka.