ABANTU baKwaZulu-Natal namaphethelo bazoshaya amathini kwindumezulu yomcimbi waminyaka yonke ozobe usakazwa bukhoma kwiSABC 1, iLast Dance Music Festival, e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu.
Kuleli dili lomculo eliqeda iminyaka ewu-14 lasungulwa, kuboshelwe izintandokazi zabaculi bakuleli, okubalwa kubo uMthandeni SK, Kamo Mphela, Jumbo, Scorpion Kings (DJ Maphorisa noKabza De Small), Lwah Ndlunkulu, Khuzani, DJ Happy Gal, Big Zulu, Nasty C, Slenda Da Dancing DJ, Babes Wodumo, Sbo Da Poet, Kwesta, Tyler ICU, Lindough & Kingshot, Eemoh nabanye abaningi.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uSipho Ndaba weMbawula Investment, uthe balindele ukuba kugcwale kunyinyitheke ngoba awukho omunye umcimbi abantu abangahlukanisela kuwo unyaka ngaphandle kweLast Dance Music Festival.
"Simema abathandi bomculo nabazifela ngezokungcebeleka bakuleli dolobha nakwezinye izifundazwe ukuba bazozitika ngolozolo lobumnandi ekomkhulu lesifundazwe, iKwaZulu-Natal."
Uthe okuhle kakhulu ngubudlelwano ababakhe nabahleli bemicimbi baseMgungundlovu, ikakhulukazi beDuzi Eve Party eba ngoDisemba 31, kuleli dolobha.
"Sikujabulela kakhulu ukumemezela ukuthi bazobe beneDuzi Eve VIP Marquee kwiLast Dance Music Festival.
“Lena yingxenye yokuthuthukiswa kwamabhizinisi ezokuvakasha endaweni nokugqugquzela ukusebenzisana phakathi kosomabhizinisi abasemkhakheni owodwa ukuze bazuze kakhulu kunakuqala."
Esephetha, uNdaba unxuse labo abangaz’uphumelela ukuza kulo mcimbi ukuba bahlale phambi kwamathelevishini abo ngoba iSABC 1 izobe isakaza ukusuka nokuhlala kwalo mcimbi kusukela ngo-9 ebusuku.
Amathikithi okuthamela iLast Dance Music Festival adayisa okwamagwinya ashisayo eTicketPro ngoR200 (General Access), R350 (kwabafuna ukubukela bekwiGrand Stand) kanti awezicukuthwane abiza uR700.
Ukungena noCooler Box esangweni kubiza uR100.
Abaxhasi balo mcimbi yiSolezwe, Imbawula Investment, UMasipala waseMsunduzi neSABC 1.