ZIKHULULIWE esibhedlela izilomo zomculo wegqom’, uSabelo “Bello” Mkhize noZakhele “Gallo” Mthethwa bodumo lwezingoma ezishisa izikhotha ezithi Imali Iyagezana nethi Khula. Lezi zinsizwa zasoThongathi zangeniswa kukubi esibhedlela ngeSonto emuva kwengozi yemoto eyazehlela emgwaqweni owuthelawayeka eHluhluwe ngesikhathi zibuya konandisa eSwatini.
Umphathi kaBello noGallo, uSandile Mkhize, uthe babehamba kwi-slow lane ngemuva kweloli. Uthe babe sebethatha isinqumo sokulidlula iloli nokungena komunye umzila kanti iloli lizoguquka maqede lishayise imoto ebebehamba ngayo. Yize balimala bonke kodwa uSandile welashwa wabuye wadedelwa kwathi laba baculi basala esibhedlela ngoba bebelimele kabi.
Nakuba bekuyingozi enyantisa igazi kodwa uSakhile ubonge uNkulunkulu ngokuthi akushonanga muntu.
Ngokusho kwekhasi likaBello noGallo kuFacebook izolo, laba baculi babuyele emakhaya. “Sifuna ukubonga wonke umuntu oesithandazela. UNkulunkulu uyiphendulile imithandazo yenu. Ekujuleni kwezinhliziyo zethu, siyabonga kakhulu ngothando nangokuseseka kwenu.”
Beqhuba bathe izolo bakhiphe umucu wabo omusha osihloko sithi Ey’ntabeni, lapho behambisana khona uDJ Tira, Sizwe Mdlalose, Dezzodigo noMajor Lab. Baphethe ngokunxusa abantu ukuba baphuthume ezitolo ezikwi-online bawuthenge.
Kwenzeka lokhu nje uBello noGallo bayingxenye yabaculi ababoshelwe kwi-We Don't Play The Same Gqom eseGreyville Racecourse, eThekwini namhlanje futhi bashiyelana inkundla noBlack Coffee, Que DJ, Felo Le Tee, AKA, Tira, Okmalumkoolkat, DJ Lesoul, Dladla Mshunqisi, Madanon, Mampintsha, Babes Wodumo, Distruction Boyz, Dlala Thukzin, WTF, Deep Narratives, General C'mamane, Zvri Funktone, Dregga Asvnte, Dipsie, Xola TSM, Junior De Rocka, Ndloh Jnr, Funky Qla, Burnout Beslim. Abazobe bephethe uhlelo nguLinda Majola, Lvee Mels no-Uncle Vuzi.