UMCULI wamapiano, uBongani "Mabozza WaseTV" Tsime, usolwa ngokunqwaha nomnikelo obekufanele awudlulisele emndenini womculi we- Afro pop ongasekho, uWinnie Khumalo.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi uMabozza WaseTV wavula iWhatsApp Group, wabe esecela ukuba kuhlanganiswe umnikelo obuzonikezwa indodakazi kaWinnie, uRethabile Khumalo wodumo lwengoma ethi Ntyilo Ntyilo nethi Umlilo.
Umthombo uthe iqoqiwe imali engaphezu kuka-R10 000, yabe seyifakwa kuMabozza WaseTV ukuba ayihambise kuRethabile lungakafiki nosuku lomngcwabo.
"Sishaqekile ukuthola ukuthi uMabozza WaseTV akakayihambisi imali. Uma ebuzwa ngayo, ungena ezintangeni. Usebika imbiba nebuzi."
Isolezwe liyizwile enye i-voicenote yomunye umuntu wesifazane obevutha bhe, efuna la lemali. Uze waqalekisa uMabozza WaseTV. Naye uMabozza WaseTV uyezwakala kwenye ekhala ngokuthi uRethabile usanda kumthumelela ama-voicenote azwakala kuwo edakiwe futhi embiza ngazo zonke izinhlamba.
Kwenye uMabozza WaseTV uthe imali wathi ayifakwe kwi-akhawunti kadadewabo kanti nodadewabo uzothi ayifakwe kweyendodana yakhe, evele yadla lo mnikelo.
Ethintwa uMabozza WaseTV wodumo lwengoma ethi Umlutho nethi Tsakatsaka, uvele waphika walala ngomhlane ukuthi usolwa ngokudla umnikelo futhi waphika nokuthi kunomsindo okhona ngale mali.
Ebuzwa uRethabile ngalolu daba, akaphikanga futhi akavumanga, kunalokho unxuse intatheli ukuba ikhulume nomphathi wakhe, uSandi Njenje. Uthe imibuzo yonke uzoyidlulisela kuSanda ukuze kube nguye ophendulayo.
USandi uvumile ukuthi uwutholile umyalezo kuRethabile mayelana nalolu daba athe libucayi. Uthe ngenxa yobucayi bodaba bazocela ukungathi vu okwamanje. Ubuye wanxusa ukuba kucoshelelwe uma kubikwa lolu daba njengoba uRethabile esazilele unina.
"Ngakho nanoma yisiphi isitori esimbi esithinta igama likanina simphatha kabi. Uma sidinga ukudlulisa nanoma yiluphi ulwazi, silicabangela iphephandaba," kuphetha uSandi.
UWinnie (51) washonela emotweni ephuthunyiswa esibhedlela ngoJanuwari 7, kulo nyaka, wafihlwa emathuneni aseWest Park eCemetery ngoJanuwari 18.