UMBHALI wencwadi esisuse umsindo, uMelinda Ferguson, uthi abantu abazinike isikhathi bayifunde ngaphambi kokuphawula ngayo.
Le ncwadi yethiwe isihloko esithi When Love Kills: The Tragic Tale of AKA and Anele.
UMelinda uphendule kanje ngesikhathi ebuzwa ngokungenami komndeni ka-AKA ngale ncwadi. Yize uMelinda ethe imvume yokubhala ngobudlelwano buka-AKA no-Anele wayithola emndenini wakwaForbes nowakwaTembe kodwa umndeni wakwaForbes uthe akukho okuwuhlanganisa nale ncwadi.
"Siyaziqhelanisa nokubhalwe phakathi." Esitatimendeni esisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, lo mndeni uthe uMelinda wawuthinta kodwa wanqaba ukubamba iqhaza kuyo.
"Okwamanje akukho okunye esingakuphawula ngencwadi esingazi ukuthi kubhalweni kuyona." Eziphendulela uMelinda uthe "Mina engingakusho ukuthi akufundwe incwadi ngoba konke kubhalwe kuyo," kushaya ngezinqamulelayo uMelinda oseke wabhala ngomculi uKelly Khumalo no-Oscar Pistorius.
Ebhala ezinkundleni zokuxhumana uMelinda uthe uyaqala ukubhekana nesimo ahlangabezane naso ngesikhathi eloba le ncwadi.
"Kube uhambo olude ukuyikhipha. Kucishe kwabulala ubudlelwano bami. Lolu daba lungikhubazile. Bekungalaleki. Yize bengikulindele ukuthi le ncwadi isuse ukushisa kodwa bengingazilindele izimpendulo eziqhamukile emuva kokuba kukhona oputshuze lolu daba ezinkundleni zokuxhumana."
Lo mbhali akafunanga nokuchaza ukuthi le ncwadi uyibhale ngokuthi akhulume nobani kwazise yomibili imindeni oka-AKA noka-Anele ikuqinisekisile ukuthi ayisiyo ingxenye yayo.Ize yagcizelela nangokuthi akukho mvume eyikhiphile egunyaza lo mbhali ukuthi alobe ngalezi zithandani esezilele kobandayo.
Esephetha uMelinda uthe nakuba ethintekile ngothando nokwesekwa akutholile ebantwini kodwa akaphathekanga kahle.
U-Anele waphahlazeka esitezi seshumi ehhotela laseCape Town ngo-2021 kwathi ngo-2023 u-AKA wadutshulwa emgwaqweni uFlorida, eThekwini.
Kwenzeka kanjena nje, bayisikhombisa abesilisa ababoshiwe ababhekene necala lokubulawa kuka-AKA nomngani wakhe, uTebello Motsoane. Ababili kubo basagcinwe esitokisini eSwatini, lapho baboshelwa khona, kusalindwe kulalelwe isicelo sokuthi babuyiselwe kuleli.
Incwadi kulindeleke ukuthi iqale ukuba semashalofini ezitolo zezincwadi kusukela namhlanje.