UMLINGISI uthi ufuna ukugqugquzela abesifazane abahlukunyezwayo, ngendawo ayilingisa efilimini, iFour Walls.
U- Enhle Mbali Mlotshwa, ohlukanise noDJ Black Coffee ngo-2019, ukholwa wukuthi iFour Walls izolekelela ekuqwashiseni abesifazane abahlukumezeka ngezindlela ezahlukene ebudlelwaneni abakubo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe ngesikhathi kuqoshwa ifilimu, uzithathe wazifaka ezicathulweni zomhlengikazi ngenhloso yokuthi akwazi ukuveza ubuhlungu nobunzima obukhungatha abahlukumezekayo besothandweni.
“Abantu besifazane bazovuleka amehlo ngemuva kokubukela ifilimu. Ikhuluma nabantu abahlukunyezwayo. Ayigxilile nje kuphela kwabashaywayo kodwa nalabo abahlukumezeka ngokomphefumulo bazoqwasha,” kuchaza uMbali.
IFour Walls kulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa emcimbini wamafilimu amazwe ahlukene obaminyaka yonke, iNorth East International Film Festival (NEIFF), e-United Kingdom, kusukela kule nyanga kuze kube uJuni wangonyaka ozayo. Izokhonjiswa nasemcimbini weBuenos Aires International Web Series Festival (BUEIFF).
Eqwashisa abesifazane abakhetha ukuhlala emishadweni yabo babekezelele ukushaywa, uthe mabaqaphele ngoba kuvamisile ukuthi isiphetho kube yithuna.
Ezinye zezinhlelo amatasa nazo, uthe ibhizinisi lakhe lengqephu ye-Essie Apparel, lenza kahle kakhulu futhi ukholwa ukuthi uNkulunkulu usazoqhubeka nokumbusisa empilweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMbali nyakenye ubephansi phezulu ehamba izinkantolo elwela ukuthola uR131 000, wesondlo ayesifuna kowayengumyeni wakhe, uDJ Black Coffee.
Eyicaza ngokwezidingo zakhe imali yesondlo wathi, uzokondla izingane zabo ezimbili ngoR80 000, athenge igilosa ngoR30 000, bese ethenga izimonyo ngoR17 800.