BAHLUKENE phakathi emva kokubizwa yiNdlunkulu kaZulu, abaculi bakamaskandi ngenxa yokuxabana kwabo baze bashayana kubangwa eleLembe.
UQuality Biyela noKhuzani Mpungose basanda kuba sematheni emva kokuthi kuvele uKhuzani egadla kuQuality besemcimbini eMnambithi.
Yize sebeveze ukuthi sebexolelene kodwa iNdlunkulu kaZulu, isamile ekutheni kumele beze bezoxolisa kuyona baphinde bahlawule izinkomo ngokugcina beshayene emva kwegama leLembe, okungamele bazibize ngalo.
Kuthintwa uQuality ngalezi zindaba, uthe yena ngeke ayeke ukubizwa ngeLembe lakwaBiyela futhi akukho okuzomphazamisa kulokho.
“Lizohlala likhona iLembe lakwaBiyela. Ngizolinda ukuthi indlunkulu ingibize ukuzochaza ngokuzibiza ngeLembe. Ngikholwa ukuthi indlunkulu izihlanganisa nento engahlangene nayo, eyeleLembe lakwaBiyela yinto engeke iphazanyiswe nakancane leyo. Njengoba bengizalwa nje ngo-Okthoba 6, ngingakusho kugcwale ukuthi bekugujwa umkhosi weLembe,” kusho uQuality.
Kuthintwa uKhuzani, uvele wathumela umbhalo awubhale ekhasini lakhe leFacebook. Kulo mbhalo uveza ukuthi, yena akazange azibize ngeLembe kodwa uyinkosi kamaskandi. Uthi abantu abambiza ngeLembe ngabahleli bomcimbi, Umbuso WamaCiko abamhlonipha ngesihlangu esibhalwe ukuthi iLembe. Uthe noma kunjalo kodwa naye akabaphikisanga ngokuthi bamfanise nomtakaSenzangakhona ngenxa yemisebenzi yakhe futhi angeke abavimbe abantu ukuthi bambize ngamagama akhombisa ubuqhawe bakhe. Uveze ukuthi akhona namanye abizwa ngawo njengelikaHerodi nelikaMkhululi namanye.
Uqhube wathi uyaziwa umuntu ozibiza ngeLembe, wabe esethumela isithombe seGcokama Elisha elibhale i-number plate yemoto yalo entsha kanjalo.
Okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana u-Afrika, uthe udaba useludlulisele kuMntwana uGibson ophethe isithangami esibheke izinto zalolu hlobo, lapho laba baculi bezobizelwa khona ngalolu daba.