USEZIDELE amathambo umculi kamaskandi, waphumela obala ngokuthandana nonontandakubukwa waseMnambithi, athi kuholele ekutheni athathe isinqumo sokumcela umshado.
UPhumani "Imfezemnyama" Khumalo waseMadwaleni, eNquthu, kuthiwa ngoLwesithathu ubeshutha izithombe ze-albhamu yakhe entsha noSabelo 'Ntombeningi’ Sithole ngesikhathi eshona phansi ngedolo ecela ukushadwa yile nsizwa eyisithandwa sakhe.
Kubikwa ukuthi uNtombeningi ubengenalo ulwazi lokuthi uzophuma esefakwe indandatho yesithembiso somshado e-studio esiseMaboneng, eGoli.
Isolezwe ngeSonto likhuluma neMfezemnyama, ithe ubudlelwano babo buqale baba ngubungani kodwa bagcina bethatha isinqumo sokuthandana ezinyangeni ezedlule kuwo lo nyaka.
IMfezemnyama ithe iyaqala ngqa ukuthandana nomuntu wobulili obufana nobayo njengoba ngaphambilini ibithanda abesifazane.
"Into engihehile kuNtombeningi yinhlonipho yakhe. Ubengenalo ulwazi lokuthi ngizomcela ukuthi sishade," kusho lo mculi.
Eqhuba uthe, ubudlelwano bakhe nabantu bakubo sebudungekile kodwa uzolandela inhliziyo yakhe emholela kuNtombeningi.
Ebuzwa ngengane yakhe ukuthi iyahambisana yini nesinqumo sakhe, uthe njengoba indala nje iyabona ukuthi kuqhubekani phakathi kwakhe nesithandwa sakhe.
"Inhloso yami ukuthi siqhubeke nesinqumo sethu esesisithathile noNtombeningi futhi angifuni ukunaka okushiwo umndeni nabantu abazothi abahambisani nesikwenzayo.
Anginalo nhlobo uvalo ngokuthatha lesi sinqumo ngoba siyathandana. Sizoqhubeka nokuthandana sibone ukuthi sibekana kuphi kodwa esikuhlosile ukuthi sishade ngokuphelele. Sizoyilandela yonke imidugu eyenziwayo," kuchaza Imfezemnyama.
Iphinde yaveza ukuthi selokhu iphumele obala ngothando enalo ngoNtombeningi, izintokazi esike yathandana nazo ziyayibuza ukuthi kungani isinquma ukuthanda umuntu onobulili obufana nobayo kodwa izitshele ukuthi azikhohlwe iyona.
UNtombeningi ethintwa, uthe ngesikhathi ephendukela kuMfezi e-studio obeseguqe phansi ephethe indandatho, akakholwanga.
"Engikuqaphelile wukuthi abantu ebesinabo bebenalo ulwazi ngobekuhleliwe. Ngesikhathi ithi iMfezi angigqoke ingubo emhlophe yomshado anginakanga ngempela ukuthi kukhona ephezu kwakho. Mina ngilandele imiyalelo ebenginikwe yona nje kuphela. Okungixakile-ke ikhona ukuthi igqoke isudu ekubeni ngingakaze ngiyibone iyigqokile," kuchaza uNtombeningi.
Ingoma yalezi zithandani eziyicula ngokuhlanganyela noProud, ithi: Ngenelela, izoqala ukutholakala ezinkundleni ezithengisa ngomculo ngoDisemba 9.
Lezi zithandani zithembise ukuthi zizolimema iphephandaba emshadweni wazo mhlazane kwaphuma usuku lwawo.
Kuleli sonto kuke kwasabalala isithombe salezi zithandani zicelana umshado kodwa abantu bebezitshela ukuthi ziyazidlalela, njengoba bekuhlekiswa ngazo ezinkundleni zokuxhumana.