UMCULI kamaskandi osematheni kulezi zinsuku ngenxa yengoma yakhe entsha, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, uthi uzokwenza okwehlukile kulokhu ngomcimbi wakhe ozoba kubo eMdletsheni.
Emva kokukhipha ingoma ebe sematheni, iParis nyakenye, Igcokama Elisha lithathe isinqumo sokubungaza impumelelo yale ngoma ekuqaleni kwalo nyaka.
Umcimbi walo kamaskandi owawuseMdletsheni ubuqala ukubakhona kanti nakulokhu lithe uyabuya emva kwempumelelo yeculo lalo elisha iGucci, elipike kulona uMawhoo.
Kulokhu lithe lizokwenza okwehlukile njengoba odlule kube wumcimbi nje wokujabulisa abantu bangakubo.
“Ngenxa yokukhula endimeni yomculo, kuhle ukuthi umuntu akhule nangokwenza izinto. Ungakafiki uDisemba kulo nyaka ngizonikela kubantu bangasekhaya ukuthi babe noKhisimuzi omuhle. Ngizophinda nginikelele nezingane zesikole eziqhamuka emindeni entulayo. Umcimbi uzothi ufika esontweni lokuqala ngoJanuwari, kuzobe sekuzojatshulwa nje kuphela. Ngizobheka nokunye okuyisidingo esiphuthumayo esidingwa wumphakathi nginikele,” kusho Igcokama Elisha.
Lo mculi usanda kubonakala ehleli nosomabhizinisi waseThekwini, uCalvin Mathibeli, owayesebenza noKhuzani. Ezinkundleni zokuxhumana bebevela bejabule kukhona noJaiva Zimnike emzini walo somabhizinisi eMhlanga.
Ebuzwa ukuthi useyasebenzisana yini naye, njengoba bagcina esebenzisana noKhuzani abagcina bengazwananga naye.
Igcokama Elisha lithe lutho kodwa belizozijabulela naye ngenxa yobuhlobo nobungani.
“Akukho okuthinta umsebenzi esikwenza noMathibeli. Bengimvakashele ngenxa yokuthi siyazwana kanti futhi uganwe wuMaMbatha okwenza sihlobane ngoba nami ngizalwa uMaMbatha,” kusho lona.
Kuthintwa uMathibeli akavumanga fuhi akaphikanga ukuthi bayasebenzisana neGcokama Elisha.
“Ngicela ukuthi ngiqale ngixoxe nalo Igcokama Elisha ngizobuyela kuwena ngikwazise,” kusho uMathibeli.
Akabange esabuya futhi ubengatholakali ocingweni.