INDLOVUKAZI emculweni wokholo, uNtokozo Mbambo ithe ngeke ize iphawule ngomsindo obe khona ikhala imuka nezindondo ezintathu emcimbini amaSouth African Music Award (Sama) ngoMgqibelo.
UNtokozo ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neSolezwe ngemuva kokukhala amuke nezindondo okukhona kuzo eye-Album of the Year, eyeBest Contemporary Faith Music neBest Female Artist.
Uveze ukuthi ubengaqali ukuthola indondo kulo mcimbi kodwa futhi ubengalindele ukuthi athole ezingaka.
“Ngake ngayithola indondo kuwona lo mcimbi ngo2015, ngike ngaphinde ngaqokwa kodwa ngangawina, kube okokuqala ukuthi ngiwine kangaka nokuyinto enkulu kimina. Umuzwa enginawo manje, ngiyajabula ngiyatshakadula njengethole! Ngijatshuliswa ukuthi ukudla kwami umhlanganiso akukhona okwami nje kuphela kodwa okombuso kaNkulunkulu, ngiyacabanga ukuthi kuyaqala ukuthi umculi wokholo awine kangaka emcimbini oxube izinhlobo ezehlukene zomculo,” kuchaza yena.
Uthe akukho akwenzile okuhlukile okwenze ukuthi ahlabane kangaka kodwa ukubambisana nethimba asebenza nalo yikhona okubabeke lapho bekhona.
“Kuyacaca ukuthi konke esikwenzile sikwenze kahle. Yingakho ngithi akumina ngedwa, kodwa sonke sisebenze kakhulu kulo nyaka. Ekusebenzeni kanzima umkhuleko ubungasali, ngakho amandla ami asebenzile noJehova ube khona lapho nazi izithelo manje seziyabonakala. Bengingabhekile ukuthi ngingahamba nezindondo ezingaka, kushayisa ngovalo njalo ukuqokwa namanye amaciko akuleli njengoba kunabaculi abanamakhono amangalisayo. Uma kufika isikhathi sezindondo ngibonga okusuke kwenzekile kulowo mcimbi noma kungakanani,” kuchaza yena.
Uthe usanda kukhipha i-albhamu ethi #LavishWorship nasahambela izindawo ezehlukene kuleli ukujabulisa abantu ngayo, futhi uzophinde ahambele nakwamanye amazwe.
"Ngihambe kakhulu kulo nyaka, ngiya emazweni ase-Afrika nase-UK. Ngithemba ukuqhubeka ngisabalalisa izwi likaJehova ngomculo. Muva nje ngiqokiwe eGhana komunye umcimbi wezindondo, ngiya khona nje ngenyanga ezayo. Sengike ngaqokwa futhi ngawina emazweni okukhona kuwo iNigeria ne-UK,“ kuchaza yena.
Uveze ukuthi nabalandeli bakhe ngeke aze abashiye njengoba ebabonga ngokulalela umculo wakhe nabanesandla empumelelweni yakhe yonke.