UMCULI wekwaito, uL'vovo Derrango, uthi indlela anandisa ngayo esiteji ngeke isafana yize eseluleme ngemuva kokulimala engozini yemoto ezinyangeni ezedlule.
UL'vovo walimala engozini yemoto eya kubo eNewcastle, ngoMeyi, wangeniswa esibhedlela.
Ekhuluma naleli phephandaba emcimbini iMsinga Driftkhana, lapho ebenandisa khona ngempelasonto, uthe useluleme futhi useyanandisa ezindaweni ezahlukene.
"Ngibuyile, siyabangena manje. Abantu abasibize akukho lapho esingeke size khona. Zonke izindawo ngifuna ukuya kuzona ngoba kade abantu sabagcina," kusho uL'vovo.
Uthe uyajabula ngokuthi ululame sekusondele isikhathi sikaDisemba ngoba uzokwazi ukuyonandisa emicimbini.
"Indlela enginandisa ngayo ngeke isafana nakuqala. Sengiwumuntu olimele kodwa uma udalwe nalo ithalente awubi nayo inkinga yokudansa. Inkinga wukuthi ngilimele enqulwini manje noma ngidansa sengiyaqaphelisisa ngoba kumele ngingazithunuki," kusho uL'vovo.
Uqhube wathi njengamanje upheka umculo omusha azowukhipha emasontweni azayo. Uthe usebenza noMpilo Manyathi ofike nesigubhu asithandile.
"Ingoma ihlanganise ikwaito nepiano kancane. Sisacabanga ukuthi sipike uNomfundo Moh ngoba uManyathi uyena imenenja yakhe."
Uveze ukuthi isikhathi esiningi usesichitha kubo eNewcastle, yize ebuye engapheli naseThekwini.
"Kunamabhizinisi engiwenzayo eNewcastle, yingakho ngingasekhaya isikhathi eningi manje. Ngingasho-nje ukuthi yiwo angisizile ukuthi ngikwazi ukuphila ngesikhathi ngisalimele ngoba ngabe ngilele phansi.
Kubalulekile ukuthi ungagxili entweni eyodwa ukuze uma okunye kubheda ukwazi ukuma. ICovid-19 isikhombisile ukuthi ngeke sithembele emculweni kuphela," kusho uL'vovo.
Ubonge kakhulu abantu abamesekile ngesikathi elimele wathi njengoba kuyinyanga yezokuthutha nje, kumele bakhumbule ukubeka eqhulwini ezokuphepha emgwaqweni.
"Abantu mabazibhekelele bayeke ukuphuza bese beyashayela. Sesibe nezingozi eziningi KwaZulu-Natal, sekwanele manje. Asihloniphe imithetho yomgwaqo, uma usuphuzile ungabe usangena emotweni."