ISIHLABANI somculo wekwaito, uThokozani "L'vovo Derrango" Ndlovu sithe ukuphathwa yisifo sohlangothi kusenze sasukuma saqala umkhankaso wokweseka abashaywe wunhlangothi futhi aqwashise ngaso.
Imashi ebizwa ngoBuntu Charity Walk izoqala ngoSepthemba 18 ize isongwe ngoSepthemba 22. Izosuka eNewcastle ize iphele eThekwini. Kuhloswe ngayo ukuqwashisa ngesifo sohlangothi nokusiza lo mculi ngezindleko zodokotela.
UL'vovo uhlaselwe wunhlangothi ngoDisemba wonyaka odlule kade enandisa emcimbini eNdwedwe.
"Impilo yami iphazamiseke kakhulu. Uyazi uma kade uzenzele izinto bese kuvela kufika isikhathi sokungakwazi ukuzenzela izinto ezithile, impilo iba nzima.
Bengijwayele ukuziculela kodwa manje izinto zimile zonke. Angikwazi ngisho ukushayela. Ukugula kungibuyisele emuva, ngeke ngiqambe amanga," kusho uL'vovo.
Lo mculi obegubha usuku lwakhe lokuzalwa ngempelasonto, ehlanganisa iminyaka engu-43, uthe isimo esimehlele uyazama ukubheka okuhle kuso.
"Mhlawumbe kwakusho ukuthi kumele ngizithole ukuthi ngingubani. Nathi yize sithathwa njengabantu abadumile ngenxa yomsebenzi esiwenzayo omatasatasa kodwa iqiniso lithi siyazikhohlwa singazinakekeli."
Uqhube wathi ukungawathathi amaphilisi esifo somfutho wegazi, ukungalali ngokwanele nokungadli ukudla okunempilo yikho okwaba nomthelela ekutheni ahlaselwe yilesi sifo.
"Sekusele kancane ukuthi ngilulame ngokugcwele ngoba ngibuyelile nasestudiyo. Ngizokhipha cishe ngo-Okthoba. Bengilinde usuku lwami lokuzalwa futhi noma kungathiwa angiluleme kahle kodwa ngizokhipha, bese ngiyahamba ngiyosebenza.
Abantu mabalindele i-EP yami bese bengiqashela ngomsebenzi olapho. Ngibophele uProfessor, Big John, Big NUZ nabanye abaculi abasha.
Kukhona nabadidiyeli baseNewcastle oDJ The Gift noNesh."
UL'vovo uthe ukubonakala kukazakwabo emculweni, uLira, elulama kuyamjabulisa.
ULira uhlaselwe yisifo sohlangothi esamshiya engakwazi ukukhuluma. Ubonakale efaka ividiyo ekhuluma futhi kwenye wavela ecula.
"Mina ngesikhathi ngishaywa yisifo sohlangothi kwalimala uhlangothi, umlenze nesandla. Ngiyafisa uma sesiluleme ngokugcwele sifundise abantu ngalesi sifo ngoba kunale nto yokuthi yisifo sabantu abadala, iqiniso lithi sibamba noma wubani."
Uthe njengoba kuzobe kuhanjwa, yena ngeke akwazi ukuba yinxenye yohambo ngoba ungomunye wababanjwe yilesi sifo.
Ubonge abamsizayo ngezindlela ezahlukene ngoba odokotela bayabiza. Ukuhamba iPhysiotherapy uthe kuthatha uR500 ngosuku, ekubeni kubalulekile ukulula imisipha ukuze alulame kahle.
Ukufaka isandla kulo mkhankaso, wunikela kwi-akhawunti yeBlackchild Foundation yaseFNB ethi 62903072106 bese ubhala ukuthi L'vovo.