KUGCWALE kwasweleka nendawo yokunyathela esikhumulweni sezindiza, iChief Dawid Stuurman International Airport, eGqeberha, e-Eastern Cape ngoMsombuluko ekuseni, ngesikhathi kutheleka umpetha woShuni Womhlaba Season 1, uThandikhaya "Joliza Bhacasoul" Magayiyana.
Abalandeli baleli qhawe batheleke kule ndawo bevunule ngezimpahla ezibhalwe igama lalo mculi futhi bephethe nezingqwembe ezinemibhalo ehlukahlukene.
UJoliza Bhacasoul wasendaweni yaseWalmer, eGqeberha, usuke lapho walibhekisa eMPC ngaseWalmer High lapho abanye abalandeli bethole khona ithuba lokushutha naye.
UJoliza Bhacasoul ubungazwa kanjena nje yingoba ubaqwaqwade emakhanda kuShuni Womhlaba kuSABC 1 ngeSonto. Uqumbe phansi uLindokuhle "Lindo Jay Music" Mthimunye waseMpumalanga, noMthobisi "Gudaazi" Gudazi waseKZN.
UJoliza Bhacasoul uthe le mpumelelo iwukufezeka kwephupho lakhe leminyaka lokuba ngumculi okhokhelwayo.
"Ngiyabonga kakhulu ngale ngqayizivele yethuba lokwabelana nabantu baseNingizimu Afrika ngomculo wami. Ngizoqhubeka nokuqhakambisa umculo wakithi nokubeka induku ebandla njengeciko. Lokhu kusho ukuphela komsebenzi wami njengomshayeli webhasi lesikole ngoba sengiqala uhambo lwami lokuba wumculi okhokhelwayo," kusho uJoliza Bhacasoul oshayela ibhasi laseHeatherbank Pre and Primary futhi obuye afundise ngomculo kulesi sikole saseGqeberha.
Ngokuphuma phambili uJoliza Bhacasoul ukhale wemuka nesamba sikaR500 000 nesivumelwano sokuqopha ngaphansi kweGallo Music. ULindo Jay, ophume isibili uhlabane ngoR300 000 kwathi uGudaazi wathotshwa inhliziyo ngoR200 000 ngokulala isithathu. Amajaji omqhudelwano bekunguBig Zulu, Sho Madjozi, CiCi, Phuzekhemisi nabanye.