INTOKAZI yaseMlaza, uLuyanda Zwane isiveze ukuthi kuyisipho eyasiphiwa uMdali ukulingisa njengoba ingakaze iye kofundela lo mkhakha esingene shi kuwo.
ULuyanda uqale ukugqama kwabaningi ngendawo ayilingisa njengamanje kaSibongile emdlalweni, iSibongile and the Dlamini’s, ekhonjiswa kuMzansi Wethu (163), ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.
Kulo mdlalo ulingisa indawo yentombazane yasemakhaya eXobho, eza eThekwini izosebenzela izigwili zakwaDlamini.
Ekhuluma ngenjabulo anayo yokungena emkhakheni wokulingisa uLuyanda, uthe uyakholelwa ekutheni yonke le midlalo akuyo manje izomthatha imbeke ezingeni lomhlaba.
“Ngiqale ukulingisa emdlalweni iDurban Gen, kanti ngingakangeni kulo mkhakha emuva kokuqeda u-matric ngisebenze ezitolo ezidayisa izimpahla ezahlukene. Ukulingisa yinto engangiyithanda kakhulu, engingakusho ukuthi kuyikhono kimi. Ngesikhathi sengingenile yilapho kuvuleke khona amathuba emidlalweni ehlukene, njengoba ngibe sengiqashwa kwiShaka-Ilembe. Kwavela indawo kaSibongile neminye ke imidlalo efana ne-Outlaws kwiShowmax neMiseducation ekhonjiswa kwiNetflix,” kusho uLuyanda.
Uthe kuyona yonke le midlalo kuyamjabulisa ukuthi ungumlingisi ophambili noma osondelene nabalingisi abaphambili.
“Emdlalweni iSibongile, ngakhetha ukuthi ngigunde imiyeko yami yeminyaka engu-16, ukuze ngibe yile nto abayifunayo. Kwakubuhlungu ngikwenza kodwa ngangingeke ngiliyeke ithuba engase ngilitholile. Kuleli sonto esikulo abantu bazobona into abakade beyifisa, njengoba kuzoqala ukusondelanaphakathi kwami noKwenzo. Lokhu kuzomdalela inzondo kwamanye amalungu omndeni wakwaDlamini, kodwa abantu ababheke ukuthi kukho konke lokhu uSibongile uzophuma kanjani. Kulo mdlalo nguyena okubonakala sengathi izinto zihamba ngendlela yakhe, yize kubuye kumbhedele kodwa izinkinga zakhe ziba zincane injabulo yakhe iba nkulu,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi nasemdlalweni i-Outlaws abantu ababheke ukuthi ubudlelwane bakhe noSihle Biyela bugcina kuphi njengoba enokudideka ngabesilisa ababili anabo empilweni yakhe.
Okwamanje uthe akukho amatasa ngakho ngaphandle ngokuqopha emdlalweni iSibongile, futhi ujabule ngokuba seduzane nabalingisi abafana noSlindile Nodangala akhule embuka.