UTebogo owake waba ngumlingisi woMuvhango neDiepcity, usanda kuvula ngokusemthethweni iBotlhale Foundation. Uthe useqalile ukuhambela izikole exwayisa abafundi ngokuhlukumezeka kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana.
“Inkinga ukuthi abaletha izinkundla zokuxhumana abasifundisanga ngokwanele indlela okumele sizisebenzise ngayo. Ngenxa yokushoda kolwazi sigcina sihlukumezeka. Kwesinye isikhathi sigcina singakwazi ukubona uma umuntu esekuhlukumeza esebenzisa izinkundla zokuxhumana.
“Ngale nhlangano ngifuna ukuxwayisa okuyiyona esebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana ukuthi isheshe ibone uma isihlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana. Okwamanje kukhona izikole zaseSoweto esengike ngazihambela kodwa angizoba mningi ezindaweni ezahlukene. Inkinga ukuthi kusenecala elisenkantolo ngokuhlukunyezwa kwami nendodana yami okusamele liphele kuqala,” kusho uTebogo.
Uthe kunamacala amabili asenkantolo awahambayo.
“Elokuqala elokuhlukunyezwa ngu-Innocent Morolong elizongena njengoba kunguJuni. Elesibili elizongena ngoJulayi elokusinda kwami ngidutshulwa nendodana yami,” kusho uTebogo.
Lo saziwayo uvule icala lokuhlanjalazwa wu-Innocent Morolong owanameka ezinkundleni zokuxhumana izithombe zakhe enqunu. Waphinde wasabalalisa izindaba “ezingelona iqiniso” zokuthi wake waya ocansini nesikhulu esiphezulu kuhulumeni.
Akagcinanga lapho njengoba ekholwa ukuthi uyena futhi owafaka nezinamba zakhe zeselula ezinkundleni zokuxhumana waveza nekheli lapho kuhlala khona indodakazi yakhe, waphinde wathi ungumama ongayinakekeli indodakazi yakhe.
U-Innocent noTebogo babengabangani abakhulu ngo-2021 kodwa izinto zajika ngo-2022 u-Innocent esekhuluma izindaba zikaTebogo ezinkundleni zokuxhumana.
Ngenxa yezimo zokuphepha, uTebogo kuke kwabikwa ukuthi usehlala eDubai.
Yize kunecala, uTebogo no-Innocent sebeke bahlangana enkantolo nakhona bafike baxabana. UTebogo waze wakhala ngokuthi u-Innocent ubukeka engazisoli ngesenzo sakhe nejngoba nasenkantolo wayemsabisa.