UMCULI waseMandaba, eNkandla, uKhuzani Mpungose, uyaziqhenya ngokwenzeke kuye kulo nyaka njengoba ungafani neminye, kukuningi akuzuzile empilweni.
Ebala uthe ukunqoba emcimbini wamaSama muva nje emkhakheni weBest Maskandi, yimpumelelo yomcimbi Igcwalisa Spring Picnic, ukuthenga izimoto ezintathu nokuqedela ukwakha umuzi wakubo, kube yisibusiso angeke asikhohlwe. Konke uthi kwenzeke ngalo nyaka wezimanga.
UKhuzani ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe njengoba namhlanje kuphuma i-albhamu yakhe entsha ethi Aliboli Icala.
Le albhamu enezingoma ezingu-14, uKhuzani uveze ukuthi ikhuluma kakhulu ngezinto ezenzeka manje emiphakathini esiphila kuyo.
Kuyo uthe usebenze nabaculi okukhona kubo uBig Zulu, Sphesihle Zulu, Thibela, uThuthani Ndlovu, Nyonemhlophe, Phathaphatha Ngcobo, Jay-Jay Mbuthuma noShobeni Khuzwayo.
“Ngeke ngingakubali ukwenza kahle kwe-albhamu yami ethi Umqhele Nethawula, elanywa ilena, ngiyababonga kakhulu kubalandeli bami. Ngiyathemba nalena entsha nizoyithakasela. Lona kimi kube unyaka engingeke ngiwufanise neminye, ngizuze okuningi okuhle. Namanje ngithi abalandeli bami abamukele nawu umsebenzi omusha onezingoma ezikhuluma kakhulu ngezinto ezenzeka emiphakathi esikuyo. Kule albhamu ngingathi nje ababheke izingoma okukhona kuzo ethi Uze Ungakhohlwa, Ngahluleka Ukuqoma, Isithembu Simnandi, Ungayithinti nezinye,” kuchaza yena.
Uthe nezobunsizwa izingoma zikhona nangangabazi ukuthi abantu bazozijabulela.
“Ngonyaka ozayo, ngifuna ukukhulisa umcimbi Igcwalisa engifuna ukuwubeka kwelinye izinga, kodwa kukhona futhi esengikubambele esifubeni sami engifuna ukukwenza kodwa engingeke ngikhulume ngakho manje. Nasempilweni yami nje ngonyaka ozayo ngifuna ukwenza izinto ezizongikhulisa ngiye phambili,” kuchaza yena.
Uthe maningi namaciko asemasha afuna ukusebenza nawo.
Kwenzekala lokhu nje, uKhuzani usanda kukhipha ingoma ethi Umjolo Lowo apike kuyo uLuve eyenze kahle nokungenye okubonakala ivotelwa kuTop 10 yoKhozi FM, kwezingase zihlukanise unyaka.