UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose uzoba ngabanye bosaziwayo abazoba semkhankasweni wokukhuthaza amadoda ukuthi abe usizo emakhaya nasemphakathini eyahlukene yakuleli.
Yena nozakwabo okubalwa kubo uThembinkosi Mthembu noMuzi Mthabela abangabalingisi bazobonakala emiphakathini ngaphansi komkhankaso owaziwa ngokuthi #QinaNdoda behambisana nabakhiqizi bensipho i-OMO.
Ekhuluma neSolezwe, uKhuzani uveze ukuthi ujabule ngendlela engachazeki njengoba kukhona ushintsho abazoqhamuka nalo emphakathini njengabantu okubukelwa kubo.
“Umkhankaso we-OMO othi #QinaNdoda uwuhlelo lokubungaza nokuthuthukisa amadoda akuleli ngokubheka ukuthi umuntu wesilisa indlela okumele aziphathe ngayo ekhaya, emsebenzini nasemphakathini aphila kuwo. Ngawo kuzokwaziswa futhi uhloniphe amadoda akwazi ukuzinakekela wona siqu, amanye aqotho akhombisa ukuba ngabaholi kuyona yonke indawo,” kusho uKhuzani.
Uthe ngawo nabo kukhona okukhulu abazokufunda njengoba bezokhuluma ngezinto ezibenze baba amadoda ayisibonelo emikhakheni ehlukene abakuyo.
"I-OMO ngokusikhetha ihlose ukukhuthaza futhi inike amandla amanye amadoda ukuba alandele okufanayo, njengoba kukhona esikwenzayo okungabaholela ekutheni kuvuleke indlela yekusasa lapho wonke umuntu engaba ngumuntu onamandla uma esekhulile esezimele nomndeni wakhe. Sizobhala kabusha umlando wamadoda kuleli, sizokwakha imiphakathi esiphuma kuyo. Sizokhuthaza abesilisa ukuthi kukhona ubuhlakani abanabo, banozwela futhi banesandla ekutheni kukhule intsha emphakathini eba yisibonelo esihle,“ kuchaza yena.
Uthe izinkulumo abazoba nazo zizoba ngeziphusile futhi babheke nezinye izinto ezithinta amasiko.
“Sizothi njengabantu besilisa asigqugquzelane ezintweni ezihlukene sibe ngabaholi abakhayo emakhaya,” kuchaza yena,“