UXUBA amakhono ahlukene ezobuciko ngenhloso yokukhuza umkhuba wokuthintwathintwa kwabesifazane ngenkani.
U-Ayanda Nxumalo (25) usebenzisa umculo, ubunkondlo nomdanso ukwedlulisa umyalezo wokukhuza ukuthintwathintwa noma yikanjani kwabesifazane, nokuhlukunyenzwa kwakhe, emdlalweni wakhe bukhoma iCamdeboo.
Umlingisi waKwaSanti, eMariannhill, uthi iCamdeboo uyiqale ngonyaka odlule - ngenhloso yokuhlonipha nokukhumbula uSarah Baartman ongasekho emhlabeni, owesifazane owayephila eminyakeni yo-1800, nowahlukumezeka ngezindlela eziningi waze waphunyuzwa wukufa.
“Lokho ngikwenza ngoba kuningi okufanayo phakathi kwami naye ngakho ngabona kuwumqondo omuhle ukwenza iCamdeboo, ukumkhumbula nokukhuza abantu besilisa ababona kufanele ukuthintathinta abantu besifazane noma yikanjani, ikakhulu abakheke njengami.
“Okuhle kakhulu ngowalo nyaka, wukuthi ngicijwe yizinkakha ezingoMbongeni Ngema noJerry Pooe, engikholwa wukuthi iqhaza abalibambile lizokwenza ube sezingeni eliphezulu ngokwengeziwe kunelangonyaka odlule,” kuchaza u-Ayanda.
Uthembise abantu ukuthi ukuwuhambela kwabo kulo nyaka kuzokwenza bahambe befisa impinda ngenxa yobunyoninco nezinga elicokeme awuhlele ngayo. Umdlalo ungoLwesihlanu ngo-7 ebusuku eBat Centre, kanti kungenwa ngoR150 emnyango.