LOMDLALO kaKhonza Khwela, osihloko sithi Woman, sewukhuza ibuya ihlandla lesihlanu kusukela wasungulwa ngo-2015. UKho uthe kulokhu usebenzisane nozakwabo uMthobisi Mkhize olingisa kwiQueendom okhonjiswa kwiBET noYanela Ntshangase.
Uthe udedele ozakwabo ukuba bamlekelele ngokubhala ngoba efuna ababukeli babone isandla esisha.
"Lo mdlalo ngiwususele ekubukeni abantu besifazene abahlukumezekile empilweni. Ngabuka isimo ababhekana naso uma bedayisa emigwaqeni. Bonke balwela ukuphilisa imindeni yabo kodwa bagcina bethola ukuhlukumezeka khona lapho emigwaqeni, bezithole sebekhokha ama-protetion fee. Babuye bethi bekhokhile, bahlukunyezwe wuHulumeni ebafuna izimvumo zokudayisa. Baphucwe konke abakudayisayo."
UKho uthe kulo mdlalo kutholakala abantu bezizwe ezihlukahlukene njengoba kunoKedebone ongumSuthu okuyindawo elingiswa wuZama Mthethwa, uSwazi odlalwa ngu-Amanda Nomtembe noLindiwe odlalwa nguPhilile Zama Maphumulo.
Lo mdlalo, oxhaswe yiNational Arts Council, uqale ukukhonjiswa eBat Centre eThekwini kodwa kusasa ngoMgqibelo uzokhonjiswa Olwambeni Primary, eZwelibomvu ngo-3 ntambama.
"Okungenze ngaletha lomdlalo emakhaya ukuthi ngifuna ukucija nokuvumbulula ikhono entsheni ngasekhaya," kuphetha uKho oselingise emidlalweni eminingi yethelevishini.