UMLINGISI owazakhela igama emidlalweni okubalwa kuyo Uzalo, Generations, Scandal neminye uLuthuli Dlamini (58), useveze ukuthi akahlali emgwaqweni. Wathi akawona umlutha wezidakamizwa futhi akaswele njengoba bese kusabalele lawo mahlebezi.
Lo mlingisi ozalwa eZimbabwe ukusho lokhu ngemuva kokusabalala kwezindaba zokuthi akanayo indawo yokuhlala futhi udla izidakamizwa.
Lo mlingisi kuvideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana uveze ukuthi uyabonga kuwona wonke umuntu omkhathalele kuvela lezi zindaba, kodwa konke lokhu abakushilo akulona iqiniso.
“Mina nayi indlu engihlala kuyo. Yebo, akuyona eyami kodwa ngiyabonga kumuntu onginike yona njengoba ngihlala endlini engemuva emzini wakhe eThekwini. Impilo ikahle. Kodwa ngifuna ukuqeda konke ukukhathazeka okuvele kubantu abahlukene, ngifuna bazi ukuthi ngiyaphila futhi njengoba nani nizibonela ngiyaziwashela impilo ihamba kahle. La ngihlala khona ngiyalethelwa nokudla njengoba nibona kanjalo notshwala uma ubudinga ngiyalethela. Ngijabule ngihlala endlini ephephile,” kuchaza yena.
Uthe uma kukhona okunye okumele akusho uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyaphawula.
“Uma kukhona okuthinta indawo yokuhlala okumele ngikuvezele umphakathi lokho ngizokwenza ngingananazi, kodwa manje ngijabule ngiyabonga kuwo wonke umuntu,” kuchaza yena.